ISALUKAZI saKwaMashu esineminyaka engu-90 sesibolelwe wukudla efrijini emuva kokucishelwa ugesi ngenxa yesikweletu esingaphezu kukaR65 000 nokusolwa ukuthi sidalwa ukusetshenziswa kwama-akhawunti amabili.
Sekuphele izinsuku ezine uNkk Roseth Mthembu kwa-H evalelwe ugesi wuMasipala weTheku ngenxa yesikweletu sikaR65 773 okuthiwa ngesikagesi namanzi.
UNkk Mthembu ohlala nendodana, umakoti nabazukulu, uthe usefisa ngisho amandla okuthola abameli ngoba sekukudala elwa indaba yesikweletu esingapheli. Akaqali ukucishelwa ugesi kodwa kulokhu ubona sengathi ngeke usavulwa njengoba ingabhaliwe nemali okumele avulelwe ngayo.
Uthe akaphuthwa wukukhokha uR 1000 ngenyanga kodwa isikweletu asehli.
Elandisa Isolezwe uthe kufike abasebenzi bakaMasipala ngoLwesine oludlule bephethe incwadi yesikweletu, bavala nogesi. Umuzi usegameni lakhe kodwa uthe inkinga yaqala ngesikhathi kushintshwa izinombolo zemizi. Inombolo endala ibiza u-38 kwabuye kwabhalwa entsha engu-72. Uma kuphuma izitatimende kuvela zombili lezi zinombolo kuma-akhawunti ahlukene nemali engafani. Ukhala nangokuthi akaze awuthole ushwele wokukhokha kancane ama-rates njengoba kwenzeka uma uhola impesheni.
“Sengisola ukuthi bafuna ngife badle umuzi wami ngoba bethi ngiyakweleta,” kusho yena.
Indodana yakhe, uMnuz Thabani Mthembu, ithe isigqigqe yakhathala izama ukulungisela unina lolu daba. Seyisola nokuthi lesi sikweletu sihlangene nemali eyayikhokhwa ngezikhathi zobandlululo okwakumele sicishwe kungena uhulumeni omusha.
Uthe ngokomthetho basasebenzisa inombolo endala yomuzi kodwa bayaxakeka uma esitatimendeni kuvela ezimbili. “Ngiqale emahhovisi kaMasipala eThekwini bangikhomba eMhlanga nakhona ngabuyiselwa emuva. Ngiphindele emahhovisi izolo bangitshela ukuthi bazophenya futhi bayavuma ukuthi kuvela ama-akhawunti amabili. Okusikhathazayo wukuthi akucaci ukuthi uzobuyiswa nini ugesi njengoba ingekho nemali encane abathe singawuvula ngayo,” kusho uMnuz Mthembu.
Izolo uMthembu uhambe nencwadi ebhalwe yikhansela licela umasipala uvulele ugogo ugesi, nathe bayinqabile emahhovisi.
Esitatimendeni esithunyelelwe Isolezwe, uMnuz Mandla Nsele oyiPhini leNhloko yezoXhumana kumasipala, uthe ngeke bakhulume ngezindaba ezithinta ikhasimende labo. Uthe amakhasimende ayayazi imigudu okumele ilandelwe uma kunenkinga.