UTHABO Bester usenawo umazisi.
Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe wezaseKhaya, uDkt Aaron Motsoaledi, esithangamini sabezindaba namuhla.
UDkt Motsoaledi uthe emva kokuzenelisa ngokuthi uBester akanawo umazisi futhi akakaze abhaliswe ohlwini lwabantu baseNingizimu Afrika abaziwa umnyango wakhe ngokusemthethweni, bathathe izinyathelo zokukulungisa lokho.
“Ngokuyalelwa umthetho othi nanoma yisiphi isisebenzi somnyango uma sithola ukuthi isakhamuzi esithile sesedlule eminyakeni engu-16 kodwa asinawo umazisi, kufane sithathe izinyathelo zokuthi leso sakhamuzi silekelelwe ukuthi siwubhalisele umzisi. Umqondisi jikelele emnyangweni nguye okubeke emahlombe akhe ukuthi uBester athole umazisi,” kubeka uDkt Motsoaledi.
Uveze ukuthi umqondisi jikelele ubhalele uBester incwadi, emazisa ukuthi umnyango ufuna ukumlekelela afake isicelo sikamazisi.
Uthe encwadini uBester uchazeliwe ngokubaluleka kokuba nomazisi, futhi watshelwa ukuthi kuzoza izisebenzi zomnyango ejele akulo, iKgosi Mampuru ukuzombhalisa.
“Ubambisene nathi ngaphandle kwenkinga. Ngaleso sizathu, ngoMeyi 15, uqale wathola isitifiketi sakhe sokuzalwa. Kwathi ngoMeyi 17, wathola umazisi wakhe,” kusho ungqongqoshe.