UYIDONSE ngendlebe intsha wathi ayingakhethi imisebenzi uSive Mbizo (29) odume njengobaba wemikhoma ngenxa yokuthi ushaya uphondo olutshela izivakashi ukuthi imikhoma ingakuphi emabhishi aseHermanus, eWestern Cape.
Le nsizwa eneziqu zeTourism Management, ithe yayizitshela ukuthi izohlala ehhovisi ngesikhathi iyofuna umsebenzi kodwa yatshelwa ukuthi kunesikhala somuntu ozobiza imikhoma.
“Emuva kokuphothula iziqu zami zeTourism Management ngangizitshela ukuthi ngizosebenza ehhovisi ngibe wumuntu obhekele ezokuvakasha kodwa kwathi uma ngitshelwa ukuthi kunomsebenzi womuntu ozofutha uphondo uma ebona imikhoma, ngawuthatha. Sengidume kakhulu ngalo msebenzi futhi angisagcini nje ngokuhamba olwandle ngazise abantu ngemikhoma kodwa sengiyiTourism Information Officer, okusho ukuthi yimina engitshela izivakashi ngezinto ezingazenza uma zivakashele eHermanus,” kusho uSive.
Uthe intsha kufanele ithathe amathuba ewatholayo noma ngabe akuphi.
“Intsha ayiwathathe amathuba ewatholayo ikakhulukazi emkhakheni wezokuvakasha ngoba maningi amathuba okukhula. Isibonelo nje mina angisagcini ngokutshela abantu ukuthi imikhoma ingakuphi kodwa sengikwazi ukubatshela nangezindawo abangazivakashela nangokunye okuphathelene nezokuvakasha eHermanus. Ngiye ngaqeqeshwa ukuze ngazi ngakho konke okudingwa yizivakashi uma ziya emalokishini. Umkhakha wezokuvakasha ubalulekile ngoba uyakwazi ukudala amathuba omsebenzi,” kusho uSive.
Ugqugquzele intsha wathi ayingasongi izandla ngisho noma ngabe isafuna umsebenzi kodwa izame ukuvula amabhizinisi ezokuvakasha.
“Izivakashi azisagcini emadolobheni kuphela kodwa zifuna ukuya elokishini ziyodla nathi inyama yenhloko, zibonane nabahlala emijondolo ngoba zifuna okuhlukile. Njengamanje ayikho imisebenzi ezimbonini kodwa emkhakheni wezokuvakasha amathuba omsebenzi ayohlale ekhona, okuhle wukuthi noma ngubani uneqhaza angalibamba, akukhathalekile ukuthi ungakanani noma ukuyiphi indawo,” kusho uSive.