Isitolo esithathwa njengesomntakabani, iWoolworths, sithi phansi amaphaphu kubantu, emuva kokusabalala kwemibiko ezinkundleni zokuxhumana yokuthi sekuzokhokhwa ngekhadi kuphela kulesi sitolo.
NgoMsombuluko, abantu bebevutha bengabaselwe ezinkundleni zokuxhumana bethi iWoolworths ikhipha inyumbazana abangenawo amakhadi asebhange uma ithi ngeke isawemukela ukheshi ezitolo zayo.
Abanye bathe yize iWoolworths ithathwa njengesitolo somntakabani kodwa kuyenzeka kube nendali okuthenga kuyo abantu abajwayelekile, abasebenzisa ukheshi.
Esitatimendeni esithunyelwe kwiSolezwe, iWoolworths ithe akusizo zonke izitolo zayo okuzokhokhwa ngekhadi kuzo kodwa yilezo okudlelwa kuzona ezibizwa ngama-WCafes ezingeke zisawamukela ukheshi.
Bathe akuyona into entsha lena evele ezinkundleni zokuxhumana kodwa yinto osekunesikhathi yenzeka kuma-WCafes.
Babuye basho ukuthi ngaphambi kokuthi iWCafe iqale uhlelo lokukhokhisa ngekhadi kuphela, kuye kube nesimemezelo esibhalwe phansi sokwazisa amakhasimende ukuthi sekuzokhokhwa ngekhadi kuphela.
“Uhlelo lokukhokha ngekhadi selukhona kuma-WCafes athile futhi namanye azoluqala maduze. Lolu hlelo lokukhokha ngekhadi lwamukelwe ngesasasa ngamakhasimende ama-WCafe. Sifisa ukucacisa ukuthi akusizo zonke izitolo zakwaWoolworths ezizosebenzisa uhlelo lokukhokha ngekhadi kuphela. Abantu bazoqhubeka bathenge ngokheshi ezitolo zethu. Abantu basazokwazi ukuthenga ukudla, imfashini, izimonyo nenye impahla esiyidayisayo ngokheshi nangezinye izindlela zokukhokha,” kuchaza abakwa-Woolworths.