KUZOQHUBEKA kuze kube wuLwesine ukunqamuka kukagesi ngokwesigaba sesithathu.
I-Eskom ithe izoqhubeka nokunqamula ugesi ngenxa yokufelwa yimishini.
UMnuz Sikhonathi Mantshantsha, okhulumela i-Eskom, uthe bazokwazisa umphakathi ngokwenzekayo ngoLwesithathu noma kukhona okushintshayo.
Uveze ukuthi baphoqelekile ukuthi bavale umshini eCamden emuva kokuthi ungenwe ngamanzi engafanele kanti ukwazile ukusebenza ngoMgqibelo ebusuku.
Uthe kuzothatha izinsuku eziyisishiyagalombili ukuthi eminye imishini ilunge.
Uveze ukuthi sebekwazile ukubuyisa umshini owodwa eKusile naseMajuba.
Baye bacima imishini eDuvha, Kendal, Komati, Kusile, Matimba, Lethabo naseThuthuka ngoba bekufanele ikhandwe.
Uthe bakwazile ukukhiqiza ugesi owanele ozobhekelela izimo eziphuthumayo.
Njengamanje ugesi ongekho ngenxa yemishini ekhandwa ngokuhleliwe uwu-6 893MW bese ongekho ngenxa yemishini efe kungalindelwe uwu-16 168MW.
UMantshantsha uxolisile ngokunqamuka kukagesi, washo nokuthi benza lokhu ngoba kusuke kufanele balungise imishini efile bese kushoda ugesi.