UNGQONGQOSHE wezikaGesi, uDkt Kgosientsho Ramokgopa, uthe abenzi ngamabomu ukuthi ugesi uhambe ngesikhathi sokubhalwa kwezivivinyo zika-matric ekubeni ubungahambi ngesikhathi semidlalo yebhola lombhoxo.
URamokgopa uthe kwaba yinhlanhla nje ukuthi ugesi unganqamuki ngesikhathi sebhola lombhoxo njengoba zazingekho izinhlelo eziyisipesheli ababenazo.
“Asithandi ukuthi kunqamuke ugesi noma yinini kodwa ikakhulukazi ngesikhathi sokubhala kuka-matric. Into eyenzekile wukuthi sifelwe yimishini kodwa siyasilungisa lesi simo. Akusikhona ukuthi AmaBhokobhoko besiwenzele izinhlelo eziyisipesheli, kuye kwaqondana nje ukuthi ugesi ungahambi ngesikhathi edlala eFrance,” kusho uRamokgopa.
Uveze ukuthi ukufa kwamashubhu emishini yabo ebizwa ngama-boiler, kuholele ekutheni kungabikhona ugesi owu-17 000MW. Lokhu kwenza ukuthi izwe lingene ezigabeni eziphansi zokunqamula ugesi.
Uthe basebenza kanzima ukuthi banyuse izinga likagesi okhona ukuze ube ngaphezu kuka-30 000MW, bese ongekho ube ngaphansi kuka-14 000MW.
“Silindele ukuthi kubuye imishini eyisithupha ebifile, okuzoletha umehluko ezinhlelweni zokuphehla ugesi. Ziyaqhubeka nezinhlelo zokuthuthukisa imishini yesiteshi senuzi iKoeberg, ukuze isebenze noma isikhathi sayo sesiphelile,” kuchaza uRamokgopa.
Uthe ziningi izinhlobo zikagesi abazoziletha okubalwa lona okhona welahle, owelanga, owegesi, owenuzi, owomoya nomunye ongayilimazi imvelo.
Mayelana nezinhlelo zokuxhaswa kwabampofu ukuze babe ngabakhiqizi bakagesi abazimele, uRamokgopa uthe usanxenxa izinhlaka ezifanele ukuze kube nesikhwama esizosiza abampofu.
Ngokusho kukaRamokgopa, kunemali ezokwenziwa abakhiqiza ugesi ngelanga futhi bazoxhaswa ukuthenga izinsiza zokwenza lokhu. Kungenxa yalesi sizathu ephakamisa ukuthi abampofu bangasali kulolu hlelo.