UMENGAMELI we-ANC, uCyril Ramaphosa uzohola amalungu esigungu esiphezulu azoqinisa umkhankaso walenhlangano esifundazweni esibangwayo, iKwaZulu-Natal.
URamaphosa nabanye abaholi be-ANC kuzwelonke bazohlala isonto lonke KwaZulu-Natal lapho bezokube behamba bekhankasa ezingxenyeni ezahlukene zesifundazwe.
Lezindaba zivezwe usihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, obekhuluma ngaphambi kokuqala komhlangano wokulungiselela ukhetho.
Umhlangano wobuholi be-ANC KwaZulu-Natal, ubuseThekwini izolo.
Umbango wokuhola iKwaZulu-Natal ushisa phansi, lesifundazwe singesesibili ngokwesibalo sabantu abaningi ababhalisele ukuvota.
Ongoti babona kuzokuba wumqansa ukuthi i-ANC ikwazi ukugcina lesifundazwe okhethweni lwangenyanga ezayo.
UDuma uthe njengoba ukhetho lwangoMeyi 29 selusondele, bazoqinisa umkhankaso wabo.
“Kuyizindaba ezinhle kuthina ukuthi umengameli nawo wonke amalungu esigungu esiphezulu, azohlala izinsuku eziyisikhombisa lapha KwaZulu-Natal.
“Lapha KwaZulu-Natal sinabantu abangu-5, 7 million ababhalisele ukuvota. Sibalwa nezifundazwe ezinabantu abaningi abahalisele ukuvota.
“Kulomhlangano wanamhlanje sizolungiselela ukufika kwamalungu esigungu esiphezulu. Njengoba sekusele izinsuku ezingu-42 kufike ukhetho, lokhu kukutshela ukuthi kufanele siqinise umkhankaso wethu,” kusho uDuma.
Umhlangano wayizolo ubuhanjelwe amalungu esigungu esiphezulu kuzwelonke abeholwa wuMnuz Zizi Kodwa nabaholi abaqhamuka ezifundeni.
UDuma uthe bazoxoxa kabanzi ngezindaba ezithinta ukuhanjiswa kwezidingo kubantu.
“Kulezinsuku ezingu-42 ezisele kufanele sibone ukuthi sikwenza kanjani lokhu okusasele. Kufanele sixoxe ukuthi abantu abangakawatholi amanzi, bazowathola kanjani.
“Sonke siqaphelile ukuthi sekuphele izinsuku ezingu-22 ugesi ungacishwa. Lokhu kukutshela ukuthi umehluko usukhona odabeni lukagesi,” esho.
Uthe bazophinde bathole umbiko ngokusebenza komasipala basesifundazweni, wabalula umasipala omkhulu, iTheku.
Udaba lwesiteleka sabasebenzi esidonse isikhathi eside saphazamisa ukuhanjiswa kwezidingo ezindaweni ezingaphansi kwalomkhandlu dolobha, luzoba seqhulwini.
Lesiteleka esidonse amasonto siholela ekutheni abantu bagcine sebekhala ngokuphazamiseka kwezidingo ezifana namanzi, ugesi nokuqoqwa kukadoti.
UDuma uthe bafuna ukwazi ukuthi isimo sinjani njengamanje.
“Esikwaziyo ukuthi isiteleka sesaphela, abasebenzi sebabuyela emsebenzini. Yingakho sithe asibize onke amalungu esigungu esiphezulu, ukuze sizothola umbiko. Sifuna ukuthi sonke sikhulume ngazwi linye, kuqhuba uDuma.
Ngaphambi kokuqala komhlangano amalungu e-ANC abebukeka egcwele ukuzethemba, ecula izingoma zomzabalazo.