NJENGOBA ziqhubeka izinguyazana zamaqembu ezepolitiki ngohulumeni wokubambisana ngenxa yokuthi alikho iqembu elidle umhlanganiso okhethweni, elingakwazi ukumisa uhulumeni ngalodwana, iKhabhinethi kaMengameli Cyril Ramaphosa izoqhubeka nokuphatha izwe kuze kufungiswe umengameli omusha.
Le khabhinethi igunyazwe yisigaba sika-94 soMthethosisekelo esibalula ukuthi umengameli, iphini lakhe, ongqongqoshe namaphini ongqongqoshe baqhubeke nomsebenzi wabo kuze kube kufungiswa umengameli omusha ozobe esekhetha amafolosi akhe.
Okhulumela iPhalamende uMnuz Moloto Mothapo, ukuqinisekisile lokhu wathi seziqalile izinhlelo zokuthi kulungiselelwe uhulumeni wehlandla lesikhombisa ozongena ezintanjeni selokhu kwatholakala intando yeningi.
Uthe emazweni abusa ngentando yeningi iPhalamende lidlala indima ebalulekile yokushaya imithetho ezokwenza uhulumeni aphendule. Uveze ukuthi iPhalamende libunjwa amalungu angekho ngaphansi kuka-350 kuya kwawu-400.
Kunezihlalo ezingu-400 ePhalamende, ezingu-200 ezomkhandlu weziFundazwe kuthi ezingu-200 ezeNational Assembly.
“Uma sekumenyezelwe imiphumela yokhetho ezweni, kumele kuhlale iPhalamende ezinsukwini ezingu-14. Uhlu lwabaya ePhalamende lunikwa inhloko yamaJaji kuleli okuyiyona ebiza umhlangano wokuqala wokuhlalisa iPhalamende. Kulo mhlangano kufungiswa wonke amalungu amasha, bese kuphakanyiswa igama lomuntu ozoba ngusomlomo wePhalamende.”
Uthe kuzobe sekuvotelwa igama likasomlomo, uma kungukuthi baningi abantu okuphakanyiswe amagama abo.
“Uma esekhethiwe usomlomo, uzobe esengamela uhlelo lokukhethwa kwephini likasomlomo. Uhlelo lokukhetha umengameli lwenzeka ekugcineni emva kokuba sekukhethwe iphini likasomlomo. Lenganyelwa inhloko yamajaji. Kuphakanyiswa igama lozoba ngumengameli, uma emaningi amagama aphakanyisiwe, kuvotwe ngokuyimfihlo bese okhethiwe kwesikamengameli esula ekubeni yilungu lePhalamende.
UMothapo uqhube wachaza ukuthi ezinsukwini ezinhlanu ekhethiwe umengameli kumele kubanjwe umcimbi wokumfungisa.
“Lo mcimbi wenganyelwa yinhloko yamajaji. Umengameli okhona nethimba lakhe yilapho ke bezobe sebededa khona inkundla uma sekufungiswe umengameli omusha.”
Uthe lokhu kwenziwa ukuze ezindlini zombuso kungahlali bungekho ubuholi obuphethe izwe. Ubalule ukuthi uma umengameli esengene ehhovisi, ube esekhetha iKhabhinethi yakhe.
“Esebenzisana noSomlomo wePhalamende kanjalo noSihlalo weNdlu yoMkhandlu weziFundazwe, kube sekunqunywa usuku lokuvulwa kwePhalamende. Ukuvulwa kwePhalamende kuhambisana nenkulumo ebhekiswe esizweni.”
Uthe kube sekucijwa amalungu amasha ngemigomo yePhalamende nangezinto azobe ezenza kule minyaka emihlanu.
Uveze nokuthi maduzane bazokhipha uhlelo olugcwele oluzolandelwa ekubunjweni koMkhandlu weziFundazwe.