UMENGAMELI we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa, uphinde wasebenzisa igama elithi “iziphukuphuku’’ echaza abantu abangenawo amakhono okwenza imisebenzi abasuke benikwe wona.
URamaphosa ubekhuluma namalungu e-ANC ePlayhouse, eThekwini izolo.
Isigungu sokusebenza kwe-ANC kuzwelonke besiphume ngobuningi sithe chithi saka esifundazweni. Abaholi abehlukene batshalwe isifundazwe sonke beyokhuluma nezinhlaka zenhlangano.
Uthe i-ANC kufanele ishintshe izinto iqashe abantu abanamakhono nabawufundele umsebenzi ezinhlakeni zikahulumeni.
“Kufanele siqaphele ukuthi siqasha abantu abawaziyo umsebenzi abanamakhono afanele, hhayi iziphukuphuku nje ezingazi lutho. Abangazi lutho kufanele babuyele eceleni sizobafaka kwezinye izindawo,’’ kusho uRamaphosa elandelwa yinhlokomo nohleko.
URamaphosa ubengaqali ukusebenzisa leli gama uma echaza abangenawo amakhono kodwa wake walibeka ngembaba ekhuluma eMangaung, eFree State. Wagxekwa kakhulu ngabantu bekhala ngokuthi usebenzise igama elilumelayo abanye bethi ube namawala.
Uncome ubuholi be-ANC esifundeni iTheku wathi uthole umbiko okhomba ukuthi uKhongolose uyaphila eThekwini. Uthe uyazi kukhona izinselelo kumasipala wathi kufanele kubanjiswane ukuzisombulula.
Ngaphambi kokufika kukaRamaphosa bekuqale uNobhala-jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, ohole ithimba layokotha iSilo uMisuzulu kaZwelithini. Bakhuleke ngomhlabi wezinkomo njengophawu lokuhlonipha oNgangezwe lakhe.