UGXILE KwaZulu-Natal umkhankaso kaMengameli we-ANC uCyril Ramaphosa kule mpelasonto njengoba seziya emajikeni ngokhetho.
Kumatasa ezweni kulungiselelwa ukhetho lukazwelonke oluzoba ngoMeyi 29 olubhekwe ngamehlo abomvu.
I-ANC ihlasela ngabo bonke abaholi bayo, ibachitha izwe lonke izama ukuncenga abantu ukuthi bayibuyisele emandleni.
Leli qembu selimemezele ukuthi uRamaphosa uzoba KwaZulu- Natal aqhube umkhankaso wehlangano wokucela amavoti kubantu.
NgoLwesihlanu uRamaphosa ubeseMavundla Square khona, eGreytown esifundeni se-ANC Inkosi Bhambatha, wadlulela enkundleni yezemidlalo yendawo iLakhis.
Ntambama ngalolo suku uRamaphosa wedlulele enkundleni yezemidlalo e-Ashdown eMgungundlovu esifundeni iMoses Mabhida.
Uvale ngeSADTU abonane nayo ngoLwesihlanu ntambama e-ICC, eThekwini.
NgoMgqibelo kulindeleke ukuthi uRamaphosa avukele edolobheni eThekwini akhulume nabantu ekuseni.
Ngosuku olufanayo uzodlulela eSundumbili Plaza eMandeni esifundeni sayo iGeneral Gizenga Mpanza.
Uzodlulela ehholo lendawo iSibusisiwe emini bese ebuya eqonde eChatsworth, eThekwini ntambama.
NgeSonto kulindeleke ukuthi ayokotha Inkosi uBhekamanganga Shozi esigodlweni sayo eMangangeni entshonalanga yeTheku bese edlulela eSiphingo.
Isifundazwe iKwaZulu-Natal silokhu siyinyama emaqenjini ezepolitiki asina ededelana kusona.
Ngaphandle kukaRamaphosa ofike e-KZN, kuke kwabonakala owayeyiphini likaMengameli uMnuz David Mabuza eseMnambithi ehamba enxenxa abavoti.
Kuke kwanyathela nowayenguMengameli uMnuz uThabo Mbeki naye ohambele izindawo ezahlukene esifundazweni.
Kulindeleke ukuthi i-ANC iqhubeke ihlasele ngabanye abaholi esifundazweni inxenxe abavoti.
I-ANC imile ekutheni izonqoba ukhetho ngengcaca nakuba abaningi bethi ingase ikhale ngaphansi, bese idinga amanye amaqembu ezobambisana nawo.