UKUKHULELWA kwabafundi, inkemane ebhekene neminye imindeni, udlame emiphakathini ngezinye zezinto ezenza abafundi balaxaze isikole bengakafiki ebangeni, lika-matric.
Lokhu kudalulwe nguMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, okhale ngesihlava sabafundi abalaxa isikole.
URamaphosa obekhuluma engqungqutheleni ehlelwe nguMnyango weMfundo eyisiSekelo esongwa kusasa eGoli, uthe kumele kwenziwe okuthile ngokushesha ngale nkinga.
“Iyakhathaza eyokuthi abafundi abaningi abasuke beqale isikole bagcina bengasiqedanga, bashiya phansi ukufunda. Ziningi izinto ezidala izinkinga okungaba ukukhulelwa kwabafundi, udlame emiphakathini, abanye kudingeka bagade ogogo babo kanti kokunye yinkinga yendlala,” kuchaza uMongameli wezwe.
Uqhube wathi kuningi osekwenziwe ngumnyango ukuzama ukugcina abafundi besezikoleni.
“Okunye kwakho ngukuthi kunohlelo lokudla ezikoleni okuhlomula abafundi abangu-9 million nsuku zonke. Ezikoleni eziningi, cishe u-80% wazo akukhokhwa nhlobo imali yokufunda. Abafundi banikwa izincwadi zokufunda mahhala ezikoleni. Kwabadonsa kanzima kukhona isibonelelo sabantwana ukuze kungabikhona abantu abazobhuqwa yindlala,” kuqhuba uRamaphosa.
Ukhale ngezinga eliphezulu labantu abasha abagcina bebhuquza emakhaya bengenzi lutho.
Kwenzeka lokhu nje, uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme nokuQeqesha uDkt Blade Nzimande, ukhale ngokuthi bambalwa abafundi abafinyelela emanyuvesi kulabo abasuke beqale uGrade 1.
UNzimande obekhuluma izolo emhlanganweni nabaqashi eKapa, uveze ukuthi kubafundi abangu-100, abaqala uGrade 1, bayisithupha kuphela abaya emanyuvesi.
“Umkhakha wasemanyuvesi mkhulu kakhulu kodwa bayisithupha kuphela abafundi abaya khona uma beqeda u-matric. Sizibuza ukuthi u-94 walaba bafundi bayaphi? Abanye bafeyila u-matric, abanye balaxaza isikole bengaqedanga. Esifuna ukukushintsha siwuhulumeni wuhlelo lwezemfundo ngoba ezweni elifana neGermany, u-30% wabaqede isikole baya emanyuvesi, enye ingxenye iya emabhizinisini amancane,” kuchaza uNzimande.
Uqhube wathi uhlangana nenqwaba yabaqashi lapho ehamba khona abakhala ngokuthi kukhiqizwa izitshudeni ezingadingwa ngumnotho.
“Angikwazi ukuthi ngingungqongqoshe ngikhiqize izitshudeni ezidingwa ngumnotho uma kungukuthi abaqashi abavuli amathuba okuqeqesha abasuke bephothule iziqu zabo. Kumele iphele le nkinga yentsha ebhuquza emakhaya, engasebenzi,” kuqhuba uNzimande.
USihlalo weNational Education Collaboration Trust uMnuz Sizwe Nxasana, ekhuluma engqungqutheleni yezemfundo, uveze ukuthi kuningi okusamele kwenziwe ukunxenxa abafundi ukuthi benze i-maths.
Ukhale ngokuthi bancane abafundi abathatha lesi sifundo wathi bambalwa abenza kahle kusona. Uveze nokuthi kubafundi ababhale lesi sifundo kwa-matric nyakenye, u-6% kuphela wabo abasiphase ngo-60% kuya phezulu.