UMENGAMELI Cyril Ramaphosa ukhale ngobunzima nezinkinga abhekane nazo ehlandleni lakhe lokuqala lokuphatha izwe.
URamaphosa uthe uchithe isikhathi esiningi elungisa izinkinga kule minyaka emihlanu yokuqala ephethe izwe.
Lokhu ukusho ngesikhathi ekhuluma nosomabhizinisi, eGoli.
URamaphosa uthe ezinye zezinkinga ezehle ngesikhathi kuphethe yena azikaze zibonwe kule lizwe.
“Kule minyaka emihlanu sithwale kanzima, silungisa izinkinga esizificile nezinkinga ezisehlele. Sichithe isikhathi esiningi silungisa, sakha kabusha.”
URamaphosa ubale izibhelu zokuzitapela zango-2021, izikhukhula, nokulawulwa koMbuso yidlanzana njengezinye zezinselelo abhekane nazo.
URamaphosa uthe izibhelu ezaziKwaZulu-Natal nasezingxenyeni zaseGauteng zakhinyabeza umnotho.
Kwashona abantu abangu-354 kulezo zibhelu ezaqubuka emva kokuboshwa kowayengumengameli, uJacob Zuma, owaboshelwa icala lokudelela umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo.
URamaphosa uthe izibhelu zaveza ngokusobala ubuthaka bezinhlaka zokuvikela kuleli.
“Kwacaca ukuthi izinhlaka zokuphepha nezinhloli zibuthaka, nokwenza ukuthi umonakalo ube mkhulu.”
URamaphosa uthe kubathathe isikhathi eside ukuthi balungise umonakalo owadalwa izibhelu.
Uthe kuthe besaxakwe umthelela wezibhelu, kwahlasela izikhukhula, ezaba mandla kakhulu, eThekwini.
Kwashona abantu abangu-495 KwaZulu-Natal ngesikhathi kuhlasela izikhukhula.
“Ukuhlasela kwezikhukhula kwacekela phansi ingqalasizinda emqoka, nokwaphazamisa ukuhanjiswa kwezidingo.”
URamaphosa uthe ngesikhathi engena ehhovisi ubhekane nomthwalo wokuqeda ukulawulwa koMbuso yidlanzana.
“Sithe uma sifika sakwazi ukuyiqeda nya le nto yokulawulwa koMbuso yidlanzana. Bonke labo ababebambe iqhaza ekulawulweni koMbuso yidlanzana, sebabaleka bazephula. Siyazi ke kodwa ukuthi bakhona ababesebenzisana nabo abasasele.”
URamaphosa uthe kuningi abakwenzayo ukulwa nenkohlakalo, athe kukona kukhona nokunikezwa kwezinhlangano eziphenyayo amandla athe xaxa, nokusungula ezinye izinhlaka ezilwa nenkohlakalo.
URamaphosa uthe inkohlakalo ayiqali manje njengoba sekuphethe i-ANC.
“Uhulumeni wobandlululo nawo wawukhohlakele. Into eyayikhona ukuthi abezindaba babengabiki ngokukhululeka ngesikhathi kusaphethe uhulumeni wobandlululo. Ingakho wawungeke uzwe kukhulunywa ngenkohlakalo.
“Uma abantu bekhuluma ngenkohlakalo, bakhuluma sengathi inkohlakalo lena inkinga ekhungethe uhulumeni kuphela. Iqiniso ukuthi inkohlakalo idla lubi nasezinkampanini ezizimele.”