UKUPHINDILE lokho esinda kwesinye isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe uSomlomo woMasipala waseThekwini, uMnuz Thabani Nyawose.
UNyawose ubebhekane nesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe emhlanganweni womkhandlu obungoLwesine.
Isiphakamiso besifakwe yikhansela le-IFP, uMnuz Mzwethu Gwala, okhale ngokuthi uNyawose uyehluleka ukwenza umsebenzi wakhe.
Isiphakamiso sikaGwala sichithiwe emva kokuthi amakhansela amaningi ephikisene naso.
Isiphakamiso sivotelwe amakhansela angu-74, kwathi angu-108 avotela ukuba sichithwe.
UGwala uthe abagculisekile ngomsebenzi owenziwa uNyawose.
“Sekuphele iminyaka emibili sakhethwa kodwa amanye amakhansela awakaze ahlinzekwe ngamahhovisi. Emihlanganweni asivunyelwa ukukhuluma ngokukhululeka. Imihlangano idonsa kuze kube sebusuku. Lena into entsha eThekwini. Usomlomo uchemile.”
Ikhansela leDA, uMnuz Thabani Mthethwa, lithe uNyawose uyehluleka ukuphatha imihlangano yemikhandlu.
“UNyawose ungusomlomo womasipala oyisizinda somnotho. Ukwehluleka kwakhe ukulawula imihlangano yomkhandlu kuphazamisa ukuhanjiswa kwezidingo. Lokhu asikusho ngoba nakhu simzonda uNyawose. Uma ngingakhuluma iqiniso, asinankinga noNyawose, kodwa angeke sakufihla ukuthi uyehluleka ukulawula imihlangano yomkhandlu.”
Ikhansela le-ANC, uMnuz Nkosenhle Madlala, lithe basajabule ngomsebenzi owenziwa uNyawose.
“Sibona sengathi lena yimizamo yokuphazamisa ukusebenza komkhandlu. Lokhu kuyishwa njengoba sihlalelwe umsebenzi omkhulu wokuthuthukiswa impilo yabantu. Njengoba sihleli lapha sikhokhelwa imali eshisiwe ukube sithuthukise impilo yabantu kodwa kubukeka sengathi thina sizimisele ngokulwela izikhundla.
Lokhu ngikusho ngoba kuke kwafakwa isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bemeya. Emva kwalokho, kwabe sekufakwa isiphakamiso sokuthi kuhlakazwe umkhandlu. Nakhu sesibona kufakwa isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukasomlomo.”
Ikhansela le-NFP, uNksz Zandile Myeni, lisole amaqembu aphikisayo ngokudlala ipolitiki.
“Lesi siphakamiso sifakwe abantu nje abazama ukukhankasa. Iqiniso ukuthi njengamanje sibheke okhethweni. Ayikho into ebambekayo kulesi siphakamiso. Ingakho thina njenge-NFP sisibona njengemizamo yokuvimba ukuthi siye phambili.”
Bekungekhona okokuqala uNyawose ebhekene nesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe.
Ngonyaka owedlule, waphunyula ngesikhathi kuchithwa isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe.
Umkhandlu usanda kuchitha isiphakamiso sokuba kukhishwe iMeya yomkhandlu, uMnuz Mxolisi Kaunda, nesokuba kuhlakazwe umkhandlu.