UMHLAZIYI wepolitiki ozimele, uDkt Zamo Mbandlwana, uchaza ikomiti eliphenya uMvikeli woMphakathi, u-Advocate Busisiwe Mkhwebane, njengento yokumosha imali nesikhathi.
UMbandlwana uthe okokuqala nje, isikhathi sikaMkhwebane njengoMvikeli woMphakathi siphelile, kwazise ungene ehhovisi ngo-2016. Ephawula ngosihlalo waleli komiti eliyisigaba-194, uthe uMnuz Qubudile Dyantyi njengoba esolwa ngokugwaziswa nje, kuzomele abuyele eceleni ngoba igama lakhe selingcolile.
Uphinde wakhala ngaleli hhovisi, wathi sekunokugxambukela okukhulu kosopolitiki kulona, yingakho selibukeka linezinkinga eziningi.
Umhlaziyi ukhuluma kanjena nje, u-Adv Mkhwebane usanda kubiza isithangami sabezindaba lapho aphakamise khona ukuthi uDyantyi akehle esikhundleni sikasihlalo ngoba ungumsolwa ecaleni lezinsolo zokugwazisa avulelwe lona.