SEKUQALWE uphenyo ngokunyamalala kwezishoshovu ze-ANC okusolwa ukuthi zathunjwa ngamaphoyisa kahulumeni wobandlululo.
Lezi zishoshovu zaziyingxenye yegatsha le-ANC elalaziwa ngokuthi iKwaMashu Cell. Igatsha lalilekelela amasosha ophiko lwezempi kwi-ANC, uMkhonto weSizwe, ngezindawo zokulala nokudla ngesikhathi sobandlululo.
Inqwaba yamalungu aleli gatsha aduka, amanye athunjwa ngeminyaka yama80. Lokhu kwenzeka ngemva kokuthi amaphoyisa asePort Natal Security Branch, etshale izimpimpi kuleli gatsha elekelelwa wuphiko lwamaphoyisa olwalwaziwa ngokuqotha izishoshovu zomzabalazo, eVlakplaas.
Izolo iNkantolo yeMantshi eMlaza, ilalele ubufakazi mayelana nokunyamalala kukaNksz Ntombikayise Kubheka, Mnuz Musawenkosi Phewa noZamukwenzani Mlobeli/Sokhulu, bonke abanyamalala ngalesi sikhathi.
Ngesikhathi kuneKhomishini yeQiniso nokuBuyisana, iningi lamalungu ePort Natal Security Branch, acela ushwele ngokuthunjwa kukaNksz Kubheka kepha kwakhona abanganikwa.
Emva kokuthi kukhona abangazange bawuthole ushwele, oKlebe babe sebeqala uphenyo ngokubulawa kwalawa malungu e-ANC.
Kwaphinde kwasungulwa uphiko oluhlanganisa iNPA noKlebe ngenhloso yokusheshisa lolu phenyo.
Okhulumela iNPA KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Kara, uthe banqume ukuqala uphenyo emva kokufunda umbiko woKlebe.
“I-NPA yayikade iyalelwe ukuba ibuke onke amacala lapho ushwele ungazange unikezwe ngesikhathi seKhomishini yeQiniso nokuBuyisana, ukubona ukuthi alikho yini icala okufanele lishushiswe. OKlebe bayalelwa ukuba baphenye lawa macala.
“Emva kokufunda idokodo elilethwe ngoKlebe, umqondisi wezokushushisa KwaZuluNatal, unqume ukuthi kuqalwe uphenyo olusemthethweni. Lolu daba luzosingathwa ngabameli boMbuso abamnkantshubomvu abaqhamuka ophikweni lweNPA olubheke amacala asukela ule khomishini.”
Ngenyanga ezayo, iNkantolo kaMantshi oPhongolo, izolalela ubufakazi mayelana nokubulawa kukaMnuz Jameson Ngoloyi Mngomezulu, yena owathunjwa ngamaphoyisa ophiko iJozini Security Branch.
UMngomezulu wathunjwa eseSwatini, emva kokuthi amaphoyisa eJozini Security Branch atshala izimpimpi ngokwelekelelwa wuphiko lwaseVlakplaas.
UMngomezulu washaywa waphinde wahlukunyezwa, ngaphambi kokuthi afele ezandleni zamaphoyisa alolu phiko. Isidumbu sakhe satholakala eSodwana Bay.
Amanye amaphoyisa ayeyingxenye yokubulawa kwakhe anikezwa ushwele kepha amanye kawazange awuthole ushwele.
UNkk Kara uthe uphenyo ngokubulawa kwakhe luzoqala ngenyanga ezayo.