UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuleli uDkt Joe Phaahla uthe zingu-2000 izidumbu eziduve emakhazeni kahulumeni ezingaziwa ukuthi ezobani. UPhaahla usho lokhu ephendula imibuzo yamalungu e-DA ePhalamende.
Uthe zisemakhazeni ehlukene ezweni lonke futhi zihlala zihanjiswa cishe zonke izinsuku zigcine zibe ningi.
Izidumbu okukhulunywa ngazo kusuke kuyilezo ezitholwe zilahliwe noma zidindilizile kungaziwa ukuthi kwenzekeni. Kuvele ukuthi inkinga idalwa wukuthi abantu abafiki ukuzocinga izidumbu zihlonzwe bese beyozingcwaba, zigcina zibhadla isikhathi eside.
Uthe isifundazwe iKwaZulu-Natal ihamba phambili ngezidumbu ezingu-1 336 ezingaziwa, ilandelwe yiLimpopo ngezingu-283, iNorth West ilele isithathu ngezingu-266. IMpumalanga yona inezidumbu ezingu-82 okuyisibalo esilinganayo nesaseFree State, kugcine iNorthern Cape ngezingu-51.
Akazikhiphanga izibalo ngezinye izifundazwe. UPhaahla uthe umgomo wabo wokusebenza uthi kufanele isidumbu uma sifika sibekwe eshalofini lamakhaza izinsuku eziyisikhombisa, emuva kwalokho bese kwenziwa uhlelo lokusingcwaba.
Uthe uma singcwatshwa ngokohlelo lukahulumeni, kushuthwa isithombe kuthathwe amaloba eminwe namasampula olibofuzo. Kukhalwe nangesikhala sokubeka izidumbu uma zilokhu zinqwabelana emakhazeni kahulumeni.