UKUMEMEZELA kwenkampani ephehla ugesi kuleli i-Eskom, ukuthi uhlelo lokucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga kusazoqhubeka iminyaka emibili ezayo, kufane nokuhlikihla upelepele esilondeni kosomabhizinisi, ikakhulu abasafufusa, abebevele bekhonondangomthelela wakho.
UNksz Sne Ngubane weSne Chickens eManguzi, ukhale ngokuthi ukucinywa kwagesi kuliphazamisa kakhulu ibhizinisilakhe lokufuya izinkukhu, kangangokuthi siyanda isibalo sezinkukhu ezifayo ngenxayenkinga kagesi.
“Endaweni engihlala kuyona lishisa kakhulu ilanga, okwenza ukuthi izinkukhu zami zigcine zifa ubuthaphuthaphu ngenxa yokushisa nokungakwazi ukuthola umoya ngendlela efanele ngoba angikwazi ukusebenzisa ama-fan uma ugesi ungekho.
“Okunye okuyinkinga futhi wukuthi izinkukhu ngizichutha ngomshini osebenza ngogesi, okudala ukuthi singakwazi ukuqhubeka kahle nomsebenzi uma ugesi ungekho.
“Sengicabanga nokuthi ngilivale kancane ibhizinisi kuze kube wukuthi senginemali eyanele ukuthenga ama-generator azokwenza sikwazi ukuqhuba kahle umsebenzi,” kukhononda uNksz Ngubane.
UMnuz Mthobisi Biyela waseMayville, wezinkampani i-Abaqeqebuli Media ne-Umdabu Jeans, uthe ukucinywa kwagesi kugcina kumqhatha namakhasimende akhe, amanye awo akhala ngokungaqedi umsebenzi ngesikhathi.
“Lokhu kungenxa yokuthi ugesi ucinywa njalo, kwenzeke uhambe isikhathi eside, kokunye kuphele usuku lonke ungekho. Kuthi noma usubuyile ngisebenze ngaphansi kwengcindezi enkulu ngoba sengijahe ukuqeda.“Njengoba le nkinga ingezukuphela nje, kusazoba nzima kakhulu kithina bosomabhizinisi abasebancane, kangangokuthi amabhizinisi ethuazophenduka umthwalo, singayi nhlobophambili,” kukhala uBiyela.
UNksz Smangele ZumawaseNtshongweni, we-Intombiyomzulu Aesthetic Spa, uthe ngendlela osekunzima ngayo manje ebhizinisini lakhe, sekunzima nokwenza inzuzo ngoba imali iphuma njalo ethenga imikhiqizo ngenxa yokuthi esuke enayo seyonakele ngenxa yokucinywa kukagesi.
“Eminye yemikhiqizo engiyisebenzisa ukucwala nokuhlanza isikhumbasa makhasimende ami, kumele ihlale isesiqandisini ukuze ibe sesimeni esifanele, okugcina kwenze yonakale ngoba ugesi ungekho isikhathi eside.
“Okunye okungihluphayo wukuthi angikwazi ukuxhumana kahle nabakhiqiza imikhiqizo engiyisebenzisayo, namakhasimende awangitholi ocingweni ngoba ayibi bikho i-network uma ungekho ugesi,” kusho uNksz Zuma.
UNksz Zama Jili weBanzi Catering and Decorations eNewcastle, uthe nabo sebesizwa wukusebenzisa isitofu segesi ukuqhuba umsebenzi wabo wokupheka, okushaya ngokuphindiwe ephaketheni labo.
“Akusiwo wonke umuntu onamandla okuthenga izitofu zegesi nama-generator ukuqhuba umsebenzi, engicabanga ukuthi uhulumeni kumele enze imizamo yokubonelela osomabhizinisi abasafufusa ukuze amabhizinisi awo angawi,” kuphetha yena