OPHAKANYISWE yi-DA emjahweni wesikhundla sikandunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Chris Pappas, uthembise ukutakula isifundazwe uma iqembu lakhe linqoba ukhetho lwangonyaka ozayo.
UPappas uthembise ukulwa nenkohlakalo nobugebengu. Lokhu ukusho ngesikhathi ekhuluma emcimbini obeseThekwini izolo, lapho ethulwe khona ngokusemthethweni njengozomela i-DA kwesikandunankulu waKwaZulu-Natal.
UPappas oyiMeya kaMasipala waseMngeni, uthe ukhathazekile ngesimo sesifundazwe nezwe jikelele.
“Ngifisa ukunivulela imfihlo, le mfihlo ayaziwa abanye abantu. Ngikhathazekile ngoba angazi ukuthi emva kuka-stage 6 (wokucishwa kukagesi) kuzolandelani. Ngikhathazekile ngendlela uhulumeni ohluleka ngayo ukukhokhela ogogo ngesikhathi imali yezibonelelo.
“Ngikhathazekile ukuthi abantwana bethu baya esikoleni bengadlile, babuyele emakhaya futhi ikati lilele eziko. Ngikhathazekile ukuthi abantu abaningi balala bengadlile. Ngikhathazekile ukuthi izigebengu zinamandla ngaphezu kwamaphoyisa ezweni.”
UPappas unxuse ukuthi abantu baKwaZulu-Natal baqine isibindi, bavotele i-DA.
“Ngo-1994, abantu babenovalo lokuthi kuzokwenzakalani, kodwa baphuma ngobuningi babo baletha ushintsho. Angeke sisenge ezimithiyo sithi akukho abakwenzile. Siyazibona izindlu zomxhaso, siyabona abanye ababengenawo ugesi sebexhunyelwe ugesi. Nokho ke wonke umuntu usebumnyameni manje ngoba bahlulekile.
“Abantu ababeqashiwe imisebenzi isiyabaphelela, manje bahleli emakhaya. Abantwana bayafunda kodwa awekho amakhompuyutha nezindlu zangasese ezikoleni. Lapha esifundazweni sethu abantu sebeke balishintsha ivoti kodwa impilo yethu isesimeni esibi kakhulu kunakuqala. Manje sekuyisikhathi sokuthi siqine isibindi, sishintshe ivoti. Leli ithuba lokugcina lokuthi sitakule isifundazwe sethu. Akekho ozosisindisa. Angeke kube khona umlingo, wonke umuntu kufanele abambe iqhaza lakhe.”
Umholi we-DA kuzwelonke, uMnuz John Steenhuisen, uthe bakhethe uPappas ngenxa yokuthi uthandwa aphinde akwazi ukusebenza nazo zonke izinhlanga.
USteenhuisen uncome umsebenzi owenziwe uPappas kuMasipala waseMngeni kusukela engene esikhundleni ngo-2021.
“Lo masipala uyithemba kubona bonke abantu baKwaZulu-Natal. Osomabhizinisi bendawo baze bekubalule ezikhangisweni zabo ukuthi bangaphansi komasipala ophethwe i-DA.”