OMELE iDA embangweni wesikhundla sikandunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Chris Pappas, uthembisa ukuqala isibonelelo sabafuna imisebenzi uma benqoba ukhetho esifundazweni.
UPappas uthe bafuna ukunika intsha imali yokugibela ukuze kube lula uma iyofuna imisebenzi.
Ukusho lokhu ngesikhathi ethula umqulu wezethembiso zokhetho weDA KwaZulu-Natal, eVerulam, ngoMgqibelo.
Ukwethulwa komqulu waKwaZulu-Natal kulandela ukwethulwa komqulu weDA kazwelonke owethulwa ngenyanga eyedlule.
UPappas uthe abantu abaningi bagcina belahla ithawula ekufuneni imisebenzi ngenxa yokweswela imali yokugibela.
“Kunzima ukuba ngumuntu ofuna umsebenzi. Kufanele ube nemali yokugibela ekubeni ungaholi ndawo. Ingakho sizoqhamuka nesibonelelo ukuze abantu abasha bezokwazi ukuyofuna imisebenzi.”
UPappas uthembise ukusungula amathuba emisebenzi angu-300 000 uma enikwa ithuba lokuphatha.
Uthe lokhu uzokwenza ngokutshala imali kwingqalasizinda nakwezomnotho.
“Uma ngikhuluma ngamathuba emisebenzi, angikhulumi ngamatoho lawa i-ANC ehlezi iwathembisa ohlelweni lwemisebenzi yomphakathi. Ngicela ningizwe kahle, akukho okubi ngemisebenzi yomphakathi kodwa iqiniso ukuthi iyimisebenzi yesikhashana. Imisebenzi yomphakathi ayisona isisombululo sokuqeda indlala. Uma ngikhuluma ngokudalwa kwamathuba emisebenzi, ngisho imisebenzi lapho abantu bezoqashwa khona ngokugcwele.”
UPappas uthe ngeke abalahle labo abaneminyaka engaphezu kuka-35.
“Abaneminyaka engaphezu kuka-35 basele dengwane, abanikwa amathuba emisebenzi. Uma ngikhethwa njengondunankulu, ngizoqhamuka nezinhlelo zokuthuthukisa abantu abaneminyaka engu-35.”
UPappas uthe ukucishwa kukagesi kuphazamisa imizamo yokudala amathuba emisebenzi.
“Ngizokwandisa umthamo kagesi esinawo ngokuthenga ugesi ezinkampanini ezizimele, sisebenzise nezinye izinhlobo zikagesi. Indaba yokuthembela kwi-Eskom ikhona okusilimazayo. Uma kunikwa abanye abantu ithuba lokuthi basihlinzeke ngogesi, kuzokwenza ukuthi sibe nogesi omningi, namanani kagesi azokwehla.”
UPappas ukhale ngezinga eliphezulu lobugebengu KwaZulu-Natal.
Uthe bafuna kusungulwe uphiko lwamaphoyisa aKwaZulu-Natal.
“Ngizolwela ukuthi kusungulwe uphiko lwamaphoyisa KwaZulu-Natal. Lolu phiko ngifuna luhlinzekwe ngezinsiza, amaphoyisa aqeqeshwe futhi kungabi khona ukugxambukela kosopolitiki ezindabeni ezithinta amaphoyisa. Angeke sithembele kungqongqoshe wamaphoyisa ukuthi uzokulwa nobugebengu ekubeni ezihlalele ePitoli. Sifuna amaphoyisa azokwazi izinkinga esibhekene nazo emiphakathini yethu.”