IMEYA kaMasipala uMngeni emele i-DA kwesombango wesikaNdunankulu, uMnuz Chris Pappas, ithi izodedela ifayela lenkohlakalo elininda uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube.
UPappas ukhulume neSolezwe ngeMpelasonto ngesikhathi ethula isikhangiso seqembu lakhe eThekwini. Uphakanyiswe yiqembu lakhe ukuthi uma kungase kwenzeke linqobe lizofaka yena esikhundleni sikaNdunankulu wesifundazwe.
Amaqembu aphansi phezulu nemikhankaso yawo njengoba kulungiselelwa ukhetho lukazwelonke oluzoba ngoMeyi 29. I-DA nayo ayizibekile phansi iqhuba umkhankaso onesiqubulo esithi “Rescue SA” okungahumusheka ngokuthi “Takula iNingizimu Afrika”.
Uthe ukwethulwa kwesikhangiso kusho ukuthi sebesabalele yonke indawo bayakhankasa.
UPappas wembule isikhangiso esichonywe phezulu esiveza yena nomholi kazwelonke uMnuz Jonh Steenhuisen. Uthe eqeda lapho wahosha ifayela wathi liqukethe inkohlakalo eyenziwe wuNdunankulu uNkk Dube-Ncube.
“Nginamaphepha lana aveza ukuthi uNdunankulu uNomusa Dube- Ncube, kunenkohlakalo ayenzile emnyangweni wakhe. Kuzodlula amasonto amabili bese ngikhipha la maphepha engiwathole kubasebenzi bakhe. Undunankulu wasebenzisa amandla akhe ukugqugquzela ipolitiki,’’ kusho uPappas.
Ebuzwa kabanzi ngalezi zinsolo nokuthi uzobika kuphi ngazo, uthe abantu abalinde bazobona isimanga. Uthe eqeda lapho walifaka ekhwapheni ifayela kubonakala ukuthi akafuni nangengozi ukulidedela.
Okhulumela ihhovisi likandunankulu, uMnuz Bongi Gwala, uthe kunzima ukuphendula into kaPappas ngoba akasho lutho.
“Asiyazi naleyo nto akhuluma ngayo asikaze siyibone, asikwazi ukuphawula ngento esingayazi. Uma yena enobufakazi benkohlakalo akahambe aye emaphoyiseni,’’ kusho uGwala.