UBE senhlanhleni eqashwa engafesanga obengumfundi wase-Nyuvesi iKwaZulu-Natal (UKZN), novukelwe umunyu ngoLwesihlanu ngesikhathi eyokwamukela iziqu abethweswa zona kulesi sikhungo.
UDumisani Ngobese odabuka eMpangeni, esigodini saseBucanana, uthweswe iziqu zeBachelor of Arts kanti zigxile ezifundweni zeTourism ne-English.
Lishone elayizolo ikhulunywa ezinkundleni zokuxhumana indaba kaDumisani ngoba abantu bebezwelana naye emuva kokubona isithombe sakhe ekhala ngesikhathi eyokwamukela iziqu zakhe.
Ekhuluma nephephandaba uDumisani uthe izinyembezi bekungezokuthuka uma esewubona usufikile umzuzu wokutheswa kwakhe, ezibuza ukuthi “Yimina ngempela lona?”.
“Kuvele kwabuya konke uma sengizibona sengilapha ngicabanga ibanga esengilihambile. Ngikhumbule emuva zavele zazigobhozela izinyembezi," usho kanje uDumisani.
Uthe uzizwa enokuzethemba ngethuba alinikezwe uMnuz Calvin Mathibeli weCalvin and Family Group.
Ethintwa uMnuz Mathibeli, uthe ulibone ezinkundleni zokuxhumana udaba lukaDumisani, wacela ukuxhunyaniswa naye nokuyilapho ethole ukuthi ngempela uyaludinga usizo emuva kokusebenza kanzima kwakhe.
“Ngizizwe ngigqugquzeleka uma ngibheka isimo sontanga yakhe ngabona ukuthi uma ekwazile ukubekezela afunde aze aqede, kusho ukuthi uyazazi ukuthi ufunani empilweni,” kusho uMathibeli.
Uphinde wacacisa ukuthi yena akasizi umuntu ngoba nakhu ehlupheka kodwa ngisiza umuntu engimbonayo ukuthi ithuba engizomnika lona uzolibamba ngezandla zombili.
"Ngimqashe ngoba ngibonile ukuthi uyakwazi ukusebenza kanzima ngoba ulwe kwaze kwaba sekugcineni " kusho uMathibeli.
Uthe uDumisani uzosebenza eduze kwakhe ehhovisi likaSihlalo ngoba wenzela ukuthi amcathulise kahle bebonana usuku nosuku. UDumisani uhlabane nangomfundaze wokuthi aqhube izifundo zakhe.