SIPHUME esikhundleni sekumuncu ngempela isikhulu se-Eskom uMnuz Andre De Ruyter, okubikwe ukuthi kuthathwe isinqumo sokuthi angabe esasiqedela isikhathi sakhe sokwesula emsebenzini.
UDe Ruyter ube nengxoxo ekhethekile nentatheli ye-eNCA u-Annika Larsen ohlelweni iMy Guest Tonight ngoLwesithathu ebusuku, lapho edalule kabanzi ngenkohlakalo eyenzeka e-Eskom.
Uthe kunemali elinganiselwa kuR1-billion entshontshwa nyanga zonke kule nkampani. Uthe imizamo yokulwa nalobu bugebengu mhlawumbe yikona okwafaka impilo yakhe engcupheni ngonyaka odlule.
Uthe wakhuluma ngokukhathazeka kwakhe kungqongqoshe ngezinto ezenziwayo ngodaba lwamadola angu-8.5billion kodwa impendulo yathi: “Uma ulangazelela ukwenza okuhle, kumele uvumele abantu abathile bakwazi ukudla kancane.”
Ebuzwa ngenkulumo yakhe nongqongqoshe wathini, “Ngesikhathi siveza ukuthi kunosopolitiki osesikhundleni esiphezulu onesandla kulokhu, wathi ungqongqoshe wabheka lo sopolitiki. Wathi bekungeke kungaveli okuyinto eyaqinisekisa ukuthi akuyona indaba abangayazi,” kuqhuba uDe Ruyter.
Inkulumo kaDe Ruyter ivuse ulaka kwabaningi njengoba bethi ubengavuli ngani icala koKlebe uma enobufakazi balokhu akushoyo.
I-ATM isikhiphe isitatimende esithi kumele isikhulu sibizelwe ePhalamende lapho sizophekwa ngemibuzo mayelana nale nkulumo.
Inyunyana yabasebenzi iSaftu iveze ukuthi ihlela ukuvulela uDe Ruyter icala kulandela le nkulumo yakhe.
Trade union federation SAFTU plans to lay charges against former Eskom CEO Andre De Ruyter. They want him to reveal the name of the Minister he mentioned in a TV interview. #DStv403 pic.twitter.com/nvyTRpMVL0
— 🔞SA911 (@JustdoitZee) February 23, 2023