UBHEKENE nomqansa uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNksz Siviwe Gwarube, ofuna uMengameli Cyril Ramaphosa, abambe amatomu ngokusayina uMthethosivivinywa wezikole i-Basic Laws Amendment Bill (BELA), okunomsindo ngawo.
UNksz Gwarube ufuna kwenziwe izichibiyelo kulo Mthethosivivinywa njengoba amaqembu afana ne-DA ekhala ngokuthi uphuca amandla izigungu ezilawula izikole odabeni oluthinta ulimi okumele lufundwe kuleso sikole, ukuba yimpoqo kukaGrade R ezikoleni nokunye.
USihlalo wekomiti elibhekele izinguquko kwezomnotho kwi-ANC, uNksz Mmamoloko Kubayi, utshele abezindaba abebehambele iLekgotla ukuthi kudingeka uNksz Gwarube eze kwiKhabhinethi, afune ukwesekwa ukuze kwenziwe izichibiyelo.
Uthe uMthethosivivinywa akuwona okangqongqoshe othile kodwa wagunyazwa yiKhabhinethi.
“UMthethosivivinywa ukuRamaphosa, usawucubungula ngaphambi kokuwusayina. Ofuna kwenziwe izichibiyelo kumele aye kwiKhabhinethi, ayinxenxe ukuthi imeseke ngaphambi kokuba kwenzeke lokho. Okwamanje akekho oseke weza kwiKhabhinethi mayelana nezinguquko kuMthethosivivinywa,” kusho uNksz Kubayi.
Okhulumela uRamaphosa, uMnuz Vincent Magwenya, ekhuluma ngezinhlelo zikamengameli izolo ezindlini zoMbuso ePitoli, uthe uMthethosivivinywa ukumengameli.
Uthe umatasa nawo esebenzisana nabeluleki bezomthetho.
“Akekho oseke weza kumengameli wathi akamise ukusayina uMthethosivivinywa ukuze ube ngumthetho. Kumele anikwe isikhathi ukuze awucubungulisise,” kusho uMagwenya.
Uthe bayazi ngemvunge ekhona ngoMthethosivivinywa.
“Umengameli uzokhipha umhlahlandlela ngokuzokwenzeka uma esephothule konke okuthinta uMthethosivivinywa. Ingcabha ikumengameli ukuthi awubuyisele emuva ePhalamende ukuze kwenziwe izichibiyelo uma ebona kunesidingo,” kusho uMagwenya izolo.
UNkk Helen Zille, onguSihlalo we-DA, usabise ngokuthi bangaya nasenkantolo uma ugcina usayiniwe uMthethosivivinywa.
Uhlale ekugcizelela ukuthi abahambisani nokuthi uMthethosivivinywa uphuca amandla izigungu zezikole.
Ngakolunye uhlangothi izinyunyana zothisha ikakhulu iSadtu, ziyalele uRamaphosa ukuthi ayeke ukubamba ayeke kodwa asayine.
Inyunyana yakhala ngokuthi uRamaphosa ujwayele ukuhudula izinyawo uma kumele asayine imithetho ephathelene nezemfundo.
ISadtu isanda kukhala ngokuthi sekuphele iminyaka engu-10, kukutakutwa indaba yoMthethosivivinywa.