INHLANGANO yezokhetho i-IEC iyalele iNFP ukuthi ihambise umbiko wokusebenza kwemali ngaphambi kokuthi ithole imali yoxhaso enikwa amaqembu. INFP ilokhu ibhekene nezinkinga ibanga ubuholi nokuholele ekutheni i-IEC imise uxhaso lwemali kuze kuxazululwe umbango.
Izwe lilungiselela ukhetho lukazwelonke okulindeleke ukuthi lube ngoMeyi 29, nonyaka. I-NFP yake yangena ehlazweni yehluleka wukukhokhela ukungenela ukhetho lohulumeni basekhaya ngo-2016.
Isolezwe liyibonile incwadi evela kwabe-IEC ophikweni lwabo lezomthetho nekhomba ukuthi ithunyelwe ngoMsombuluko.
I-IEC inomgomo wokunika amaqembu imali yoxhaso ukuwalekelela ukuqhubeka nezinhlelo zawo. I-NFP yayalelwa ukuthi ilungise izinkinga zayo ibuye nombiko oqondile ngobuholi.
I-NFP inezinkinga zobuholi njengoba kugcine sekunezinhlangothi ezimbili ezizibiza ngobuholi obusemthethweni.
NgoDisemba 15 no-16 nyakenye, iNFP ibambe ingqungquthela yokukhetha ubuholi eThekwini. Kwakhethwa uMnuz Ivan Barnes waba wuMengameli, uMnuz Milton Sokhela wakhethelwa kwesePhini likaMengameli.
UBarnes ongumengameli uthe bayitholile incwadi futhi bajabule baswele amaphiko ngoba lokhu kusho ukuthi bayaya okhethweni.
“Sijabule kakhulu futhi nakanjani sizolungenela ukhetho, okuningi sizokuchaza esithangamini sabezindaba. I-IEC ithe kufanele sihambise umbiko wezezimali, sihlanganisa wona siwuhambise sibone ukuthi bathini,’’ kusho uBarnes.
I-IEC itshele iNFP incwadi iyazisa ngokuthi yemukela ubuholi bayo obukhethwe ngoDisemba wonyaka odlule. Ungqingetshe ovelile wukuthi nakuba bemukelwa ubuholi kodwa kusafuneka umbiko wezezimali.
“Emuva kokucubungula konke esithunyelelwe khona, siphume nokuthi ingqungquthela yokukhetha ubuholi yabanjwa ngoDisemba 15 no-16 2023, lapho izinhlaka zakhetha khona. Semukela lobo buholi njengobusemthethweni nokuyinto eyojika uma kukhona umyalelo wenkantolo ochitha lokhu,’’ kusho i-IEC.
Ibe isidonsa ngendlebe iNFP ngodaba lwezezimali ithi kufanele ilulungise ngaphambi kokuqhubekela phambili.
“I-NFP iyexwayiswa ukuthi akukho mali ezoyithola kuze kube iletha amabhuku akhomba ukusebenza kwemali yayo njengokusho komyalelo emthethweni wokuxhaswa kwamaqembu,’’ kusho incwadi.