UKUSHODA kwezitolo ezidayisa izinto ezibalulekile nezidingwa imindeni cishe nsuku zonke njengesinkwa sekuholele ekutheni ungoti wezokupheka angenelele namava akhe.
UNksz Sinqobile Khumalo (29) waseMlaza, esigcemeni sakwaH, ongumnikazi wendawo yokudla, iThe White Plate, usenikele ngeresiphi elula yokuxova isinkwa. Le resiphi uNksz Khumalo uthe uyikhiphe ngoba ebona ingcindezi abazali ababhekene nayo ngalesi sikhathi kwazise nezingane zihleli emakhaya njengoba izikole zisavaliwe.
"Ibhizinisi lami ligxile kakhulu ekuphekeni ukudla, hhayi ekubhakeni kodwa ngithe sengibona isimo, ngabahlanganisela indlela yokwenza isinkwa. Indlela nami engizama ukusiza ngayo ngoba izitolo eziningi zivaliwe futhi kuyabonakala ukuthi kusekude ukuthi isimo sibuyele kwesijwayelekile," kusho uNksz Khumalo.
Abantu abaningi sebeqalile ukumbonga emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana njengoba sekulula ukuthi bazixovele izinkwa emakhaya. Lokhu uthe kuyamjabulisa kakhulu ngoba ukhona umehluko akwazile ukuwenza kubantu ngalesi sikhathi esinzima. Noma izikhathi zisenzima, ivaliwe indawo yokudla ngenxa yemigomo yeCovid-19 kodwa usakwazi ukuphekela imindeni ukudla okuphambili bese ikudlela emakhaya.
Indlela yokuxova isinkwa:
- Faka izinkomishi zikaflawa ezinhlanu kuya kweziyisithupha
- Thela izinkomishi ezimbili zamanzi afudumele/antukuntuku (110 degrees F/45 degrees C)
- 1/2 uhhafu wenkomishi kashukela omhlophe
- 1 1/2 faka isipuni nohhafu se-yeast yokukhukhumalisa
- 1 1/2 ithisipuni nohhafu kasawoti
- 1/4 ikota yethisipuni ye-vegetable oil
Indlela yokuxova
Thatha indishi enkulu ufake amanzi uncilibikise ushukela bese ufaka i-yeast ugoqoze uhlanganise ndawonye. Zinikeze isikhathi esingangemizuzu emihlanu ukuhlanganise kahle i-yeast ize ikhombise ukubila. Usungathela usawoti namafutha phezu kwe-yeast bese uqala uthele inkomishi kaflawa ngayinye bese uqala uxove okungenani imizuzu eyisikhombisa bese uyimboza kahle inhlama uyibilise ihora. Usungathatha uyishove sakuyiphindisela phansi bese uyihlukanisa kabili uyifake esitsheni sokubhaka isinkwa noma esimise okwaso esikhona ekhaya. Phinda uyizibe inhlama imizuzu ewu-30 emuva kwalokho usungayifaka ku-oven ukushisa kwezinga lawo libe u-350 degrees F (175 degrees C) imizuzu ewu-30 kuya kwengu-40. Usungasikhipha isinkwa sakho usigcobe ibhotela bese niyasidla.
Amakhasi kaNksz Khumalo kuFacebook naku-Instagram abhalwe Thewhiteplate_by_snqobile.