SIFUNA abolele ejele umzukulu waso isaguga saseDodoza, eFolweni, osolwa ngecala lokubulala ngesihluku unina, esigamekweni okuthiwa senzeke ngeledlule, lapho kugwazwe kwabulawa uNksz Muhle Ndlovu (52).
Amaphoyisa abe esebopha indodakazi yakhe (18) ephasele u-matric, uyise wengane yayo okuvela ukuthi uyinyanga nomunye wesilisa. Kuvela ukuthi kusekhona omunye wesilisa osagcwele amathafa.
Kuthiwa ingane kamufi ibigaqele imali ye-policy kanina, yahlangana nesoka layo, wabulawa.
Isolezwe likhulume nesaguga, esingunina kamufi futhi esingugogo kamsolwa, uNksz Dolly Ndlovu, sithe, sisekude ukulikhohlwa igoda esiligilwe umzukulu waso ebesimthemba kakhulu.
“Athe ezomthatha amaphoyisa ngoLwesihlanu, eqeda kubuya ukothenga ukudla komngcwabo kanina, asizange sikholwe. Lo mntwana ubengumuntu wokugcina ebesingamsola ngokubulala unina,” kusho uNksz Ndlovu.
Uthe umsolwa ubeyingane ehloniphayo, emthanda unina, enza wonke umsebenzi wasekhaya futhi ehlakaniphile nasesikoleni.
“Bengingakulindele ukuthi kungathiwa wuye ongabulala ingane yami kuwukuphela kwayo,” kukhala uNksz Ndlovu.
Elandisa ngesigameko, uthe umufi obesebenza eNkantolo yeMantshi yaseManzimtoti, uhlaselwe eqeda kubuya emsebenzini.
“Uthe efika wayengena ekameleni lakhe njengenjwayelo. Ngimbhucabhuce izinyawo njengenjwayelo, waze walala. Ngimshiye lapho ngaya egunjini lokuphumula ngayobuka ithelevishini,” usho kanje.
Uthe uvele wabona ngowesilisa angamazi, esemi phambi kwakhe, ephethe ummese noplastiki omnyama, efuna ukumboza ubuso.
“Ungixwayise ngokuthi uma ngike ngabanga umsindo, uzongigwaza,” kusho uNksz Ndlovu.
Uthe ubesathuswa yilona wesilisa ngesikhathi ezwa umuntu ekhala ekhishini, maqede lona wesilisa (waphuma wabaleka).
“Ngisukume ngaya ekhishini, ngafica indodakazi yami isilele phezu kwegazi. Igwazwe entanyeni. Ngamemeza ngifuna usizo. Kusona leso sidididi, umsolwa obesuka khona ekhishini, uhambe wayobiza omakhelwane,” kusho yena.
Uqhube wathi bafikile omakhelwane, umufi waphuthunyiswa esibhedlela esizimele eSiphingo, esimdlulisele kwesiseThekwini iCity, nokuyilapho eshonele khona ngezintatha.
Uthe ummese wasekhaya okubulawe ngawo umufi bawuthole phezu kwefriji unegazi, uhlephuke isiphatho, wathi ngesikhathi amaphoyisa eqhubeka nophenyo abelokhu ekuveza kancane ukuthi umkhuba usekhaya, esabisa nangokuthi azobabopha bonke.
Uveze ukuthi umzukulu ubengakhombisi ukuthi uyasoleka, ephansi phezulu, enza amalungiselelo okufihlwa kukanina. Uthe ngisho nangosuku lwesigameko, uye owavolontiya kuqala ukuthi uzohamba ne-ambulensi, eyayimyisa esibhedlela, wathi nokuthi ngabo-10 ebusuku ngosuku lwesigameko, isoka lakhe lafika ekhaya, libakaza.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseFolweni abophe abasolwa abathathu abaneminyaka ephakathi kuka-18 no-36 ngecala lokubamba inkunzi njengoba kwebiwa amaselula nelokubulala.
“Bavele eNkantolo yeMantshi yaseNsimbini, ngoMsombuluko, icala labo lahlehliselwa uDisemba 19,“ kusho uNetshiunda.
Uthe kusekhona umsolwa oyedwa osagcwele amathafa.