IQALE kabi impelasonto eThekwini ngesiphihli sengozi enyantisa igazi eyenzeke kuN3.
Ngaphambi kwehora lesikhombisa kusihlwa abezimo eziphuthumayo babizelwe engozini enyantisa igazi ebandakanya amaloli eyisithupha nezimoto ezinhlanu ku-N3 ngaphambi kwe-Marianhill Toll Plaza, entshonalanga yeTheku. Kubikwa ukuthi umshayeli weloli odabuka eZimbabwe uhlulekile ukulilawula lashayisa amaloli nezimoto ezincane ohlangothini olubheke eThekwini.
Kudingeke ama-ambulensi engeziwe ngenxa yesibalo sabantu abaningi abalimele kwabizwa nabezicishamlilo eThekwini ukuba basize ngamathuluzi adingekayo wokutakula.
Imibiko yokuqala evela kwabe-ALS Paramedics iveze ukuthi bathathu abantu abebevaleleke ezimotweni obekudingeka udlawu nezinye izinsiza ukuze batakulwe. Kubikwa ukuthi bayishumi abalimele kabi.
"Imibiko yokuqala ithi umshayeli weloli uhlulekile ukulilawula langena ezimotweni ebezihamba kancane zibheke etoll plaza. Okwamanje abezimo eziphuthumayo bakuqinisekisile ukuthi okungenani bathathu abantu abavaleleke kanzima kule ngozi.
“Bonke abezimo eziphuthumayo bakhona futhi abashayeli bezimoto bayalulekwa ukuthi basebenzise eminye imizila bagweme ukusondela kule ndawo ngoba umgwaqo uvaliwe,” usho uGarrith Jamieson we-ALS.
Cishe abantu abayishumi nanhlanu bathole imihuzuko ehlukene kwathi uma sebezinzile endaweni yesigameko baphuthunyiswa ezibhedlela ezahlukene zaseThekwini ukuze bathole ukunakekelwa okwengeziwe. Ngeshwa omunye wabashayeli bamaloli utholwe evaleleke kanzima, yize abezimo eziphuthumayo bezame konke okusemandleni uphangalale shonela endaweni yesehlo.