ABANGAKAZIBHALISI izipaza bathole ukuphefumula kuvela izindaba zokuthi umnqamulajuqu wokuzibhalisa komasipala awukho namuhla kepha ungesonto elizayo.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Velenkosini Hlabisa uthe usuku lokugcina lokubhalisa wuLwesibili ngoDisemba 17.
Lokhu kukhulule abaningi abebengakazibhalisi izipaza ngoba bekunokudideka ngenkulumo kaMengameli Cyril Ramaphosa owamemezela kunguLwesihlanu ngoNovemba 15 ukuthi kusukela ngalolo suku, unikeza abanikazi bezitolo izinsuku ezingu-21.
UHlabisa uveze ukuthi uRamaphosa wasenza ebusuku isimemezelo futhi kungaselula ukuthi abantu babhalise izipaza njengoba nakomasipala kwase kuvaliwe.
“Uma ubala izinsuku zokusebenza, ungawubali uMsombuluko oyiholidi ngoDisemba 16, uzobona ukuthi umnqamulajuqu ungoDisemba 17,” kuchaza uHlabisa.
Uthe okunye abantu okumele bakukhumbule wukuthi akuvulwa komasipala ngezimpelasonto.
UHlabisa usho kanje ngesikhathi ekhuluma nabeziko lezindaba i-Newzroom Afrika izolo ekuseni.
Uveze nokuthi isekhula echaza kabanzi ngalokhu nokuthi umnqamulajuqu ungoLwesibili bekulindeleke ikhishwe khona izolo.
Ungqongqoshe uphinde waxolisa kuwo wonke umuntu ezweni ngokudideka athe kudalwe wusuku lomnqamulajuqu.
URamaphosa wakhipha umyalelo othi wonke umuntu onesipaza kumele asibhalise sibe semthethweni.
Isimemezelo sabangelwa wukwanda kwezigameko zabantu abashonayo nabagula bagcwala izibhedlela okusolakala ukuthi babedle ukudla okungenzeka ukuthi kwase kudlulelwe isikhathi noma okwakunobuthi okuthengwe ezipaza ezisezindaweni ezehlukene ezweni.
Kwaqubuka umsindo kwaba nezigameko ezibikwayo lapho izakhamuzi bezingenela khona izipaza ikakhulukazi eziphethwe abantu bokufika zisesha impahla edayiswa khona ukuthi ifanelekile yini futhi ayidlulelwe yisikhathi.
UHlabisa udalule ukuthi yizakhamuzi ezisethubeni elihle lokuthi zingabhalisela ubunikazi bezipaza.
“Uma ungumuntu wokufika kuleli, ufuna ukwenza ibhizinisi, kumele ube ne-business visa. Kumele ukhombise ukuthi wena uzotshala imali ebalelwa ku-R5 million ezweni. Iningi labokufika abanezipaza kabahlangabezani nale mibandela,” kusho uHlabisa.
Uqhube wathi futhi abaningi abavela kwamanye amazwe abangahlangabezani nemibandela yakwa-SARS neyasemabhange nokunye okudingekayo.