UNGOTI ubona i-EFF ingakhula kakhulu uma ingase iyeke “ubuphixiphixi”.
Umhlaziyi wezepolitiki ozimele, uMnuz Thabani Khumalo, uthe le nhlangano ingaya phambili kakhulu uma ingase iyeke ukuba omalal’ephenduka.
Ukusho lokhu emva kokuthi i-EFF yenze ezibukwayo, igcwalisa inkundla yezemidlalo iFNB Stadium, ngesikhathi kunomcimbi wokugubha iminyaka eyishumi yasungulwa.
UKhumalo nomhlaziyi wezepolitiki ozinze eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uMnuz Zakhele Ndlovu, bathe umcimbi wangoMgqibelo ukhombise ukuthi i-EFF iyaqhubeka nokukhula.
Kepha uKhumalo uxwayise ngokuthi ukungakhulumi into eyodwa kwe-EFF kwenza ukuthi abanye abantu bangabaze ukuyivotela.
“Inkinga ukuthi abathembeki. Emva kokhetho lwango-2016 bathi bazosebenzisana namaqembu aphikisayo ukukhipha i-ANC emandleni. Bona futhi babuye bajika, babuyela kuyona i-ANC. Le nto ikhombisa ubuphixiphixi. Ngicabanga ukuthi iyona nto okufanele bayilungise le. Abantu abaningi bathungatha iqembu abangalivotela ngenxa yokuthi sebekhathele i-ANC. La bantu bagcina bengayanga kovota ngenxa yokuthi alikho elinye iqembu lezepolitiki abalibonayo.”
UKhumalo uthe impumelelo yomcimbi we-EFF kufanele iyithuse i-ANC ikakhulukazi njengoba kuyiwa okhethweni ngonyaka ozayo.
“Lo mcimbi ukhombise ukuthi i-EFF isethubeni lokwenza kahle okhethweni oluzayo. I-ANC kufanele izibuze ukuthi ngabe yona isengakwazi yini ukugcwalisa inkundla yezemidlalo enkulu kangaka.”
Ngakolunye uhlangothi uNdlovu yena uthe, i-EFF kufanele ithandazele ukuthi bonke abantu abebesenkundleni yezemidlalo baye kovota ngonyaka ozayo.
“Ukugcwala kwenkundla kukhombisa ukuthi i-EFF inabo abantu abayesekayo. Ubuholi bukhombise ukuba nesibindi ngokuthi bukhethe inkundla yezemidlalo enkulu ekubeni amanye amaqembu ezepolitiki ayaye akhethe izinkundla ezincane uma ezokwenza imicimbi. Kodwa ke ukugcwala kwenkundla yezemidlalo akusho ukuthi abantu bazokuvotela. I-ANC nayo kuyagcwala emikhankasweni yayo kodwa ikhombisa ukwehlelwa ukwesekwa.”
UNdlovu uthe uMalema ukhulume kakhulu izinto abantu abafuna ukuzizwa ngesikhathi ekhuluma nabebehambele umcimbi.
UNdlovu uthe ubona i-EFF isazoqhubeka nokusebenzisana ne-ANC yize kukhona abaholi be-ANC abafuna kubuyekezwe isivumelwano sokusebenzisana phakathi kwe-ANC ne-EFF komasipala.
“Bamane bayasho nje laba be-ANC ukuthi abasayifuni i-EFF kodwa iqiniso ukuthi ilona qembu abakwazi ukuxoxa nalo. Ekugcineni i-EFF iqembu eliphuma kwi-ANC.”