ABAMELI babamangalelwa ecaleni lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, bathi bazofaka isicelo sokuthi uKelly Khumalo azofakaza uma uMbuso ungambizi wona.
UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly ngo-2014, eVooslorus, eGauteng.
Izolo, enkantolo bekuphoswa imibuzo uZandi Khumalo ongudadewabo kaKelly naye owayekhona endlini ngesikhathi sesigameko.
UKelly ungomunye wababesendlini ngesikhathi kwenzeka isigameko esaholela ekufeni kukaMeyiwa. Ngesikhathi kuqhubeka icala eNkantolo eNkulu eGauteng, uMbuso uveze ukuthi awuzimisele ukubiza uKelly.
Udaba lukaKelly luvele ngesikhathi u-Advocate Zithulele Nxumalo, omele ummangalelwa wesine uMnuz Mthokozisi Maphisa, ephosa imibuzo kuZandi Khumalo.
Ngesikhathi kufundwa isitatimende, iJaji uRatha Makgoatlheng libuze uMshushisi u-Advocate George Baloyi ukuthi uKelly uzobizwa yini ukuzofakaza? UBaloyi uthe abanazo izinhlelo zokumbiza.
“Nkosi yenkantolo sike sabatshela abameli babamangalelwa ukuthi akukho ezinhlelweni zethu ukumbiza,’’ kusho uBaloyi. Kulapho ummeli uNxumalo aveze khona ukuthi bazofaka isicelo sokuthi uKelly abizwe azofakaza enkantolo.
Ngaphandle kwalokho, okunye okuqaphelekile enkantolo wukushayisana kwezitatimende zofakazi ababekhona endlini. Ukushayisana kwezitatimende kuvezwe wu-Advocate Zandile Mshololo ongummeli wommangalewa wesihlanu, uMnuz Sifiso Ntuli.
U-Adv Mshololo ufunde isitatimende sikaMnuz Mthokozisi Thwala lapho ethi khona omunye wezigebengu ezangena endlini zaqala ngokubathuka zase zifuna amaselula nemali. UZandi uthe zafuna amaselula nemali, azikaze zibethuke.
Okwesibili; uThwala wathi umlisa wesibili wayephethe ummese kanti uZandi uthe akawubonanga ummese.
Phambilini, kuke kwavela ukuthi uLongwe Thwala oyindodana yomculi uChicco Twala, esitatimendeni sakhe wabhala ukuthi usola sengathi izigebengu ngabantu bokufika ngoba babengasikhulumi kahle isiZulu, kanti uZandi uthe babekhuluma isiZulu esiqondile ngoba naye ungumZulu, wabezwa kahle.
Okunye okugqamile wukuhilizisana kukaZandi nabameli abebempheka ngemibuzo. UZandi uke wahilizisana nommeli uNxumalo waze wamtshela ukuthi akoqaphela uma ekhuluma naye ngoba akayena umfazi wakhe. Emuva kwalokho, uthathane no-Advocate Mshololo omunye ekhuluma phezu komunye kwaze kwangenelela ijaji.
Icala liguqile kanti lizobuyela enkantolo namuhla lapho u-Adv Mshololo kulindeleke ukuthi azoqhubeka khona nokupheka ufakazi ngemibuzo.