UNDUNANKULU waseGauteng uMnuz Panyaza Lesufi uyaqhubeka nemizamo yakhe yokusiza izakhamuzi zaseGauteng ezingasebenzi.
NgoLwesithathu ntambama ubenomcimbi eGrace Bible Church ePimville eSoweto lapho kuqashwe khona abasebenzi abangu-2500 ababengamasosha omzabalazo. Laba baqashelwe ukuba ngabasizi basemgwaqweni amaGauteng Traffic Wardens (GTW), njengengxenye yohlelo lokuqasha iNasi iSpani.
Uhlelo lweNasi iSpani lwaqala ngonyaka odlule lapho uLesufi wathembisa ukuqeqesha izinkulungwane zabantu abazosebenza ukulekelela ezinhlakeni ezehlukene zikahulumeni, babodwa abaqeqeshelwe ukuqapha ubugebengu emphakathini, abantu bathole amathuba okufundela umsebenzi eminyangweni eyahlukene kahulumeni abanye basebenzisana namaphoyisa omgwaqo.
NgoLwesine ekuseni, uhulumeni saweGauteng ukhiphe isimemezelo sokuthi zonke izakhamuzi ezingasebenzi zinganikela ezikoleni ezehlukene ngokohlu olukhishiwe lapho bezobhalisela khona amathuba omsebenzi kanjalo namathuba okuqeqeshelwa amakhono ahlukahlukene ngale mpelasonto
Uhlu lwezikole