UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uphosele abomthetho esifundazweni inselelo yokubhekana ngqo nabantu bokufika abahweba ngendlela engekho emthethweni, ukuzama ukunqoba ukwanda kwezenzo zobugebengu obudlangile.
UNtuli ubeyisikhulumi sosuku engqunqutheleni ebiyenzelwe ukubhunga ngamasu angasetshenziswa ukulwa nobugebengu, iKZN Social Crime Prevention Summit ebise-Olive Convention Centre, eThekwini ngoLwesihlanu.
“Kumele kuphenywe izitolo zabokufika ikakhulu lezo ezenza ubugebengu nakulezo zindawo eziyisizinda sokuqhuba umkhuba omubi wokushushumbisa izidakakamizwa,” usho kanje.
Uthe okunye okuzosiza ukulwa nobugebengu eKZN wukuthi kuqiniswe uhlelo lwezivimbamgwaqo emigwaqweni eyahlukene yesifundazwe, ukusiza ukubheka izigebengu ezishushumisa izidakamizwa nezihwebelana ngezikhali ngokungekho emthethweni.
Uthe: “Akumele umuntu asuke eThekwini aze ayongena eJozini, engakaze amiswe nakanye emgwaqweni ngoba yilokho okudala ukuthi izigebengu zicanaze, zizibona zikhululekile”’
UNdunankulu udalule nokuthi yena nethimba asebenzisana nalo bazohambela zonke izifunda zaseKZN, kanjalo nezindawo eziyizizinda zobugebengu ukushumayela ivangeli lokulwa nobugebengu, futhi bazimisele ukusebenzisana nomphakathi.
“Akumele sizibe ukuthi iKZN ingesinye sezifundazwe ezenza kwande ubugebengu ezweni. Ngeke siwushaye indiva umthelela omubi walokho njengoba kumanje sekuvele kunosomabhizinisi nabatshalimali abashiyayo esifundazweni sethu ngenxa yobugebengu. Lokho okuzodala ukuthi kulahleke amathuba emisebenzi, kuphinde kubhebhetheke ubugebengu,” usho kanje.
UNtuli ugcizelele nokuthi kukho konke okwenziwayo, kumele kubekwe abesifazane nezingane phambili, ikakhulu njengoba sekuqale inyanga yokuqhakambisa imbokodo ezweni.
“Kuyadumaza ukubona kuqhubeka izigameko zokuhlukunyezwa kwabesifazane njengoba sizwile ngokwenzeke kuthisha wesifazane odutshulwe, wafa phambi kwezingane azifundisayo kwesinye sezikole zaseThekwini. Yizo zonke izinto okumele silwe nokuzinqoba lezo. Asikwazi ukuhlala singenzi lutho kube konakala kangaka emphakathini wethu,” kusho undunankulu.
Ushayele ihlombe umsebenzi owenziwa ngamaphoyisa wokubopha izigebengu, wathi: “Awaqhubeke ayibambe kanjalo futhi angathandeli izandla uma izigebengu zingafuni ukuthobela umthetho. Iphoyisa ngeke lithandele izandla uma isigebengu sihlulwa wukuthobela umthetho.
“’Nomphakathi awubambisane nathi kukho konke lokhu ngoba iqiniso wukuthi izigebengu zinathi emphakathini. Asingathuli sibe sibona konokala phambi kwethu,” kusho uNtuli.