UYA esiShayamthetho saKwaZulu-Natal uNdunankulu kaZulu uMfundisi Thulasizwe Buthelezi nePhini lakhe Inkosi Phathisiwe Chiliza uma kungukuthi amaqembu abo athola amavoti anele okuthi bathole izihlalo ngemuva kokhetho.
UButhelezi oyiMeya kaMasipala waseZululand, uyomela i-IFP njengoba esendaweni yesishiyagalolunye ohlwini lwaleli qembu.
UChiliza oyinkosi yesizwe saseMadungeni, uya esiShayamthetho ngethikithi leqembu elesekwa ngowayenguMengameli weZwe ne-ANC uJacob Zuma, Umkhonto weSizwe, kanti ohlwini lwaleli qembu ungunombolo 42.
UButhelezi noChiliza basanda kumenyezelwa yiSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini njengazosebenza nabo emsebenzini wesizwe.
UChiliza akalona ivukane emsebenzini othinta amakhosi njengoba eke waba ngusihlalo wawo esifundazweni. Usebenze kakhulu neSilo esesabuza uMdlokombane.
UZuma usanda kumemezela ukuthi ohlwini lwabajutshiwe usazokwenza izinguquko kulona njengoba befuna kumeleleke zonke izinhlaka.
Ohlwini lwe-IFP olukhishwe yikhomishini yezokhetho kukhona neNkosi yeSizwe saKwaButhelezi, uZuzifa oyindodana yomsunguli we-IFP Inkosi Mangosuthu Buthelezi, okhothame nyakenye.
Inkosi uZuzifa inethezekile endaweni yesikhombisa ohlwini lwabajutshwe yi-IFP ePhalamende. Uhlu lwaleli qembu kuzwelonke luholwa ngumengameli uMnuz Velenkosini Hlabisa, kulandele abanye abaholi okubalwa nomkhulumeli waleli qembu uMnuz Mkhuleko Hlengwa nabanye.
Ohlwini lwe-IFP oluya esiShayamthetho sesifundazwe kuqhwakele usihlalo waleli qembu uMnuz Thami Ntuli oyiMeya yaseKing Cetshwayo, kuthi indodakazi kaShenge uMntwana uPhumzile Buthelezi yena usendaweni yesishiyagalolunye ohlwini lwesifundazwe.
IMeya kaMasipala uMzinyathi uMnuz Petros Ngubane ungunombolo 24 ohlwini lwabaya esiShayamthetho, kuthi uMfundisi Musa Zondi, osanda kufungiswa esiShayamthetho ukhuza ibuya ohlwini lwe-IFP njengoba ehleli kunombolo 16.
IMK ifolosa ngoMnuz Nhlanhla Ngidi ohlwini lwabazojutshelwa esiShayamthetho sesifundazwe. UNgidi wayenguMqondisi Jkelele kuhulumeni wesifundazwe.
UNgidi nguyena obhekiwe ukuthi abe ngundunankulu ngokwe-MK uma idla umhlanganiso kulolu khetho lwangoMeyi 29.
Okunye okuqaphelekayo ohlwini lwe-MK amalungu abekwi-ANC okubalwa uMnuz Thobani Zuma, ongumgqugquzeli waleli qembu esifundazweni kanti uhlale ebonakala lapho kukhona khona uJZ. UZuma wayeyiphini leMeya kuMasipala uMsunduzi.
Omunye osohlwini lweMK uDkt Kwazi Mbanjwa owayengumqondisi jikelele esifundazwenu kanti wayeyinhloko yoMnyango wezokuThutha esifundazweni.
Ohlwini lweqembu okunombango wobuholi iNFP kufoloswa ngoMnuz Ivan Barnes kuzwelonke, esifundazweni lifolosa ngoNksz Mbali Shinga.
I-EFF esifundazweni iholwa nguMnuz Mongezi Twala. Iqembu i-Abantu Batho Congress, eholwa ngowayeyiPhini leMeya kuMasipala weTheku lifolosa ngomholi walo uMnuz Philani Mavundla, kwabaya ePhalamende.
I-African People’s Movement ifolosa ngomholi wayo uMnuz Vikizitha Mlotshwa kanti kunamanye amaqembu azobanga izihlalo esiShayamthetho sesifundazwe okuyiJustice and Employment Party ne-People’s Freedom Party.
Ikhomishini ivale izolo ntambama ithuba lokuthi umphakathi uphawule ngohlu olushicilelwe.
Namhlanje kulindeleke ukuthi ikhulume nesizwe ngezikhalazo ezitholile.
Ngo-Ephreli 10, izoshicilela uhlu lokugcina lwabaya ePhalamende naseziShayamthetho njengoba kukhona abavela ohlwini lwamanye amaqembu.