UMENGAMELI wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, utuse iqhaza elibanjwa umbutho wezempi ukuqinisekisa ukuba nokuthula ezweni, nakuzo zonke izimo abadingeka kuzo - nakulezo ezisuke zibeka impilo yabo engcupheni.
URamaphosa ubekhuluma emcimbini waminyaka yonke, i-Armed Forces Day, obubanjelwe eRichards Bay, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal, lapho kukhunjulwa khona amaqhawe ombutho wezempi aphangalala empini yomhlaba yokuqala ngo-1917.
“Babamba iqhaza elikhulu ukuqinisekisa ukuphepha komphakathi, ngakho njengoba sihlangane la namuhla, sizokhumbula labo abangasekho abayibamba ishisa eminyakeni edlule.
“Kuyakhuthaza kakhulu ukubona bezikhandla njalo nasezimeni ezibeka impilo yabo engcupheni ukulwa nodlame lwezobulili nobugebengu ezweni lethu.
“Abagcini ngalokho, baphinde basize ukuthuthukisa ezomnotho ezweni ngokuba khona uma izwe libhekene nenhlekelele yezikhukhula nalapho kuhlanzwa imifula engcolile,” kuchaza uRamaphosa.
Eqhuba, uthe akungabukelwa neze phansi ukuthi abombutho wezempi babeka impilo yabo ngemuva ukuze kuphephe izakhamuzi zaseNingizimu Afrika.
“Imisebenzi yabo ibonakele kakhulu KwaZulu-Natal ngenkathi ihlaselwe yizikhukhula, ngakho yonke imisebenzi abayenzayo akumele siyithathe kancane.
“Wumsebenzi wethu ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi wabo awuphazamiseki ngalutho, siphinde siqikelele ukubavikela uma kunesidingo,” kusho uRamaphosa.