KUSALA imibuzo engenazimpendulo kumzali womfundi (7) okuthiwa udlwengulwe omunye (10) esikoleni esiKwaNongoma, ngeledlule.
Ngokusho kukanina kamgilwa, uthishanhloko wesikole uze wamazisa ngoLwesine olwedlule ukuthi indodakazi yakhe idlwengulwe ngomunye umfundi ngayizolo.
Uthe zimbili izinto ezimthunuka umoya ngalolu daba.
“Okokuqala, akukhombisi ukuthi indodakazi yami idlwengulwe ingane eneminyaka eyishumi. NgoLwesine, indodakazi yami ibisaphuma isidoda. Okungiphatha kabi ukuthi ngikholwe ukuthi ikhona ingane eneminyaka eyishumi engaphuma isidoda esingakaya,” kusho unina kamgilwa.
Ubuye waveza nokuthi indodakazi yakhe ibilimele esithweni sangasese ngaphambili nangemumva okwenza ashaye amakhala ngokuthi umuntu ocishe alingane nendodakazi yakhe oyidlwengulile.
“Okwesibili, angeneme ngendlela uthishanhloko asingathe ngayo udaba. Indodakazi yami idlwengulwe ngoLwesithathu olwedlule kodwa ngaze ngashayelwa ucingo ngakusasa, ngaziswa ngesigameko,” kusho unina kamgilwa.
Echaza ngendlela uthishanhloko asingathe ngayo udaba, uthe uze wamshayela emini yasekuseni ngakusasa indodakazi yakhe ibe idlwengulwe ngayizolo.
“Uthishanhloko emva kokungishayela ucingo, ngifika esikoleni ungitshele ukuthi uthole ngalo usuku lwesigameko ukuthi indodakazi yami idlwenguliwe kodwa wakhetha ukuthi aze angazise ngakusasa,” kusho unina kamgilwa.
Uthe uthishanhloko uthe wafica umgilwa esegqoka kwelinye lamakilasi ngesikhathi kuqhubeka ezemidlalo esikoleni. Uthe uthishanhloko wathi uma ebheka eduze nekilasi, wabona umfundi womfana ethi pheshe, nokunguye athi ungumsolwa.
Uveze ukuthi isikole sifundisa abafundi abanezidingo ezikhethekile, wathi lokhu kwenza kube nzima ukuthi basheshe bathole iqiniso kumgilwa ukuthi ubani omenzakalisile.
Ubuye waveza ukuthi kukhona abakuqaphele ekuziphatheni kukamgilwa ngosuku lwesigameko nangakusasa ekuseni okufaka phakathi ukungafuni ukugeza, akhale athi akafuni ukuya esikoleni. Uthe bazitshela ukuthi uyanqena nje ngoba kumakhaza ekuseni.
“Ngifuna ubulungiswa, ngifuna kuphenyisiwe ukuthi ubani kahle hle owenze lokhu ngoba nomzali wengane ufikile nayo, ngathi uma ngiyibheka ngayibona ukuthi akukwazi ukuthi kungathiwa iyo edlwengule indodakazi yami,” kusho unina kamgilwa ophethe ngelithi nonina kamsolwa uthe akasona isixhwanguxhwangu kodwa uthe akahloniphe eze esikoleni uma kuthiwa indodana yakhe yenze icala.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe bazoluphenya udaba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMahlabathini avule icala lokudlwengula kulandela isigameko sokudlwengulwa kukamgilwa oneminyaka eyisikhombisa.