Afakwe isamuku amalungu ePhalamende azobe ethamele inkulumo kaMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, ebhekiswe ezweni kulo nyaka.
IPhalamende limemezele ukuthi uRamaphosa ucele ukwethula inkulumo ngoFebhuwari 8 ngo-7ebusuku.
Inkulumo kamengameli ebhekiswe ezweni iba minyaka yonke futhi isuke isho ukuthi iPhalamende lisuke selivulwe ngokusemthethweni. Kusuke kuwumcimbi odlisa ngomswenko lapho amalungu ePhalamende lapho ehloba ngemisiko ehlukene.
Umengameli usuke echazela izwe ngokuthi isimo sinjani nokuthi yikuphi okungalindeleka ukuthi kwenziwe wuhulumeni futhi usuhambe wafika kuphi kulokho okwakuvunyelwene ngakho.
Inkulumo kamengameli ivame ukuphazanyiswa ngamalungu e-EFF asuke efuna izimpendulo uma kunodaba angeneme ngalo. Ngonyaka odlule yanyomfeka inkulumo kamengameli kwaze kwasukuma abaqaphi bakhe bamzungeza ngoba kubonakala ukuthi sebexwayile.
Abe-EFF babesho ukugibela esiteji lapho kwakuhleli khona umengameli kwaze kwaphoqa ukuthi kungenelele abezokuphepha.
Amalungu e-EFF aze akhishwa phandle ngendluzula. Ayekhala ngodaba lwepulazi likamengameli iPhala Phala, lapho okwagqekezwa khona kwebiwa imali engamadola.
Okhulumela iPhalamende uMnuz Moloto Mothapo, uthe kunomthetho omusha ochitshiyelwe othi uma umengameli eseqalile ukwethula inkulumo yakhe, kusuke kungasavunyelwe muntu ukuthi akhulume noma aphazamise.
Amalungu e-EFF ayisithupha asanda kulahlwa ngamacala okuphazamisa lo mcimbi, agwetshwa ngokuthi amiswe. Lokho kusho ukuthi ngeke akwazi ukuhambela umcimbi nonyaka. Abe-EFF bathi abayingeni indaba yaleso sigwebo ngoba abeneme ngaso futhi bazimisele ngokusiphosela inselelo.
IPhalamende liphinde lacacisa ukuthi uyaqala umsebenzi wokulungisa isakhiwo esangqongqiswa ngomlilo. IPhalamende lithe ibalelwa kuR 2 billion imali elizoyisebenzisa ukuvuselela izakhiwo ezadliwa wumlilo.