Nkosikhona Cele
WETHULE ngokusemthethweni uhlelo lokunakekelwa kwezintandane nabantu abadala, uMphrofethi webandla laseZayoni, uMnuz Sabelo Sifundza.
USifundza uqale ukugqama ohlelweni abevela kulona kumabonakude, iZangoma Zodumo.
Ungomunye wabaholi bebandla eliseMpangeni, iChristian Youth.
Muva nje wethule uhlelo lokunakekelwa kwezintandane nabantu abadala endaweni yangakubo eMpangeni.
USifundza owaziwa ngeziphrofetho zakhe okuthiwa zishaya emhlolweni, uthe kulo nyaka okuseqhulwini wukuthi aphose itshe esivivaneni, ngenhloso yokulekelela umphakathi akuwona.
Uthe ukholwa wukuthi kusemqoka ukuthi nebandla likaNkulunkulu libonakale lilekelela lapho kunesidingo khona.
Uthe yingakho naye enqume ukuthi kube khona akwenzayo mayelana nalokhu kulo nyaka oqalayo.
"NjengoMphrofethi wabantu ngikholwa wukuthi uNkulunkulu ungigcinele ukuthi ngikwazi ukuthi ngilekelele lapho okufanele khona, ukuba ngenze kanjalo,'' echaza.
Uthe konke azobe ekwenza ngaphansi kwalolu hlelo kuzobe kuphuma kwelakhe iphakethe.
Uthe abazohlomula uzokwenza isiqiniseko sokuthi ngabantu abaludingayo ngempela usizo.
Uthe uzobe enikezela ngamagilosa ezintandaneni futhi alekelele nangezinto zesikole.
Unxuse nabanye abanentshisekelo yokusebenzisana naye ukuba basondele eduze.
Uthe uhlose ukuthi uhlelo lwakhe lokulekelelwa kwabantu abadala nezintandane lubonakale lusabalala kusona sonke isifundazwe iKwaZulu Natal.
Uthe kuyothi uma konke kubonakala kuhamba kahle lugcine selusabalala eNingizimu Afrika yonkana.
USifundza waziwa ngohlobo lwenkonzo ajwayele ukuyenzela abantu abangasebenzi, oselujwayele ukuthi luhanjelwe yizindimbane zabantu.
Ujwayele ukuzwakala nasemsakazweni iGagasi FM lapho esuke enikezela khona ngolwazi mayelana nezinto ezithinta isintu.