BAKHALA ngezimoto zamanzi okuphela amasonto zingafiki emphakathini wakwaLembe ngaphansi kukaMasipala uMdoni, okuthiwa umphakathi usukha emfuleni oshiswe yisomiso. Isolezwe lithole ukuthi kusukela ngoJuni inkinga yamanzi ibisivele iqalile kule ndawo, obuthembela ezimotweni ezilethwa wuMasipala Ugu.
UNkk Nokuthula Mdlalose oyilungu lomphakathi, uthe selokhu kwathi nhlo bakha emfuleni iMandlalathi. Uthe inkinga yamanzi iqale ngesikhathi kusha umfula, okudalwe yisomiso.
“Izimoto zikamasipala bezisilethela amathangi amanzi kube ngconywana. Inkinga manje sekuphela amasonto noma inyanga izimoto zingafiki. Kumanje sagcina ngenyanga edlule ukulethelwa amanzi. Uma sishaya ucingo siwacela, sitshelwa ukuthi kunenkinga yokushoda kwezimoto kumasipala,” kuchaza yena.
Uthe sebesaba nokuthi bazogula ngoba akuphephile ukusebenzisa amanzi kulo mfula.
UNkk Mdlalose uthe uma bezosebenzisa amanzi bayawabilisa.
“Okuyinkinga kakhulu ukuwasha ngawo ngoba izimpahla ziyagqwala. Kuba ngcono uma kufike imoto yamanzi ngoba siyacabangelana. Siye sihlukaniselane izigubhu ngasikhombisa emzini ngamunye,” echaza.
UMnuz Zakhele Hlongwa oyikhansela, uthe ibaxakile impela inkinga yamanzi futhi ingaphezu kwamandla. Uvumile ukuthi uma izimoto zingafikanga, umphakathi awunalo elinye isu lokuthola amanzi.
“Ngicabanga ukuthi izimoto zamanzi zagcina ukufika emasontweni amabili edlule kuleya ndawo. Nokho kuyenzeka kuphele ngisho inyanga zingafikanga. Sithole ukuthi kunenkinga yokushoda kwezimoto kuMasipala Ugu,” kusho uHlongwa.
Uthe wahlangana nezikhulu zikamasipala ukudlulisa izikhalo. Uveze ukuthi nomphakathi bawuchazelile inkinga ababhekene nayo.
AKUGCWALI ngisho isigubhu samanzi uma kukhiwa emfuleni osekuthembelwe kuwo emphakathini wakwaLembe
UHlongwa uthe sebefake isicelo sokuthi umphakathi ufakelwe ompompi kodwa angazi ukuthi kuzokwenzeka nini ngoba umasipala ukhale ngezinkinga zemali.
Uthe kuba ngcono uma linile ngoba umphakathi ukhongozela amanzi emvuleni.
Okhulumela uMasipala Ugu uMnuz Frans Nzama, uthe kubekwe ikomiti okuyilona elilawula indaba yokulethwa kwamanzi.
Uthe ngenxa yokuthi ziningi izindawo eziswele amanzi, izimoto azikwazi ukufika nsuku zonke kodwa ziyawaletha amanzi.
UNzama uthe kunohlelo olubhalwe phansi okuyilona olulawula ukuthi izimoto ziwayise kuphi amanzi.