SIYANDA isibalo sabafundi ababhala izivivinyo zika-matric besezibhedlela ngoba begula noma bekhulelwe.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga, ephendula umbuzo welungu le-DA uNksz Samantha Jane Graham, obebuze ukuthi kusuka ngo-2020, bangaki ababhale lizivivinyo besezibhedlela.
Ubuze nokuthi ngabe kukhona yini umfundi oke wanqatshelwa ukubhala ngoba esesibhedlela.
UNkk Motshekga uveze ukuthi ngo-2020 bangu-85 ababhala izivivinyo besezibhedlela.
“Ngo-2021 bangu-140, kwathi ngo-2022 baba ngu-150 kanti ngo-2023 bangu-209 ababhalele ezibhedlela. Imigomo ethinta ukubhalwa kwezivivinyo zika-matric iyavuma ukuthi umfundi abhaliswe noma egula uma engeke akwazi ukuziyela ngqo esikhungweni sokubhalela.”
Uthe amantombazane akhulelwe ayabhaliselwa ezibhedlela uma engaphilile.
“Lo mfundi kudingeka ukuthi umzali wakhe afake isicelo enhlokweni yomnyango wezemfundo, ukuthi abhalele esibhedlela. Isicelo kumele silethwe nencwadi kadokotela eveza ukuthi umfundi angakwazi ukubhala futhi angamelana nengcindezi ehambisana nezivivinyo,” kusho uNkk Motshekga.
Uthe uma inhloko yomnyango isisigunyazile lesi sicelo, kumele kube nemigomo elandelwayo.
“Kuzoqokwa umuntu ozomgada uma ebhala, ozoqhamuka ehhovisi lesifunda. Ihhovisi lesifunda kumele libheke isimo sesibhedlela ukuthi umfundi angakwazi ukubhala izivivinyo zakhe. Okubalulekile ngukuthi lapho ezobhalela khona kumele lelo gumbi liqhele nalapho kukhona khona ezinye iziguli, kuqiniswe nezokuphepha.”
Uthe ozobe egadile kumele alandele imigomo uma ehambisa noma eselanda amaphepha okubhala.
Uveze ukuthi kumele abekwe ngendlela ezohambisana nalawo asesikhungweni obekumele abhalele kusona.
“Asikaze sibikelwe ukuthi kukhona umfundi owagcina engabhalanga nakuba isicelo sakhe sasigunyaziwe sokubhalela esibhedlela. Uma kungukuthi sikhona isehlakalo esifuze lesi sicela ukubikelwa ngaso ukuze siphenye, bese sithatha izinyathelo ezifanele,” kusho uNkk Motshekga.
Uthe uma kukhona isehlakalo esifuze lesi sizobe sifana nokungawenzi umsebenzi kwalabo abanikwe umyalelo ngumnyango.
Umnyango unemigomo ekhishelwe izikole ebalula ukuthi umfundi okhulelwe akangaxoshwa.
Kule migomo equkethwe emthethweni iBasic Education Laws Amendment Bill, ibalula ukuthi umfundi okhulelwe kumele asekwe ngezinto zokufunda aze abelethe.
Uma esebelethile kumele abuyele esikoleni ngokushesha azoqhubeka nezifundo zakhe.
Umnyango ukwenza lokhu ngoba ungafuni kube nabafundi abazogcina sebelaxaza isikole bengaqedanga.