UNGQONGQOSHE weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga, uchithe ukuthi banomgomo wokuvimba abafundi ukuthi bangadluleli kwamanye amabanga, ukuze izikole zithole imiphumela emihle kwa-matric.
Sekuke kwakhalwa ngomkhuba wezinye izikole okuthiwa zifeyilisa abafundi ikakhulu kwaGrade 11, ukuthi bangadluleli kwa-matric ukuze zithole imiphumela emihle.
UNkk Motshekga ubephendula umbuzo welungu leDA ePhalamende uMnuz Baxolile Nodada. Ubuze ukuthi ngabe umnyango unawo yini umgomo ofuze lona, nokuthi umnyango uwunqanda kanjani lo mkhuba wokungadluliswa kwabafundi abangenzi kahle ukuze izikole zithole imiphumela emihle kwa-matric?
Ungqongqoshe useke wakuveza ePhalamende ukuthi kunezikole ezenza lo mkhuba wokubamba abafundi ngoba zifuna ukuthola imiphumela emihle.
Okunye okuhlale kukhalwa ngakho wukuthi cishe kubafundi abayisigidi nangaphezulu abasuke beqale uGrade 1, uhhafu wabo obhala u-matric, abanye basuke besale endleleni.
“Asinawo umgomo siwumnyango wokuthi sibambe abafundi bangayi kwamanye amabanga ukuze izikole zithole imiphumela emihle. Ocwaningweni esinalo oluthinta abafundi abashiya bengaqedanga ukufunda, kuvela ukuthi izibalo zabo ziyehla. Nangesikhathi kuhlasele ubhubhane iCovid-19, sanyuka isibalo sabafundi ababefunda nababhala u-matric kuleli,” kuphendula uNkk Motshekga.
Ungqongqoshe uqhube wadalula ukuthi kunezikhala zothisha ezingu-31 462 ezingavaliwe kuleli.
Ephendula umbuzo kaNodada uveze ukuthi iKwaZulu-Natal, yisona sifundazwe esinesibalo esiphezulu sezikhala zothisha ezingavaliwe ngoba zingu-7 044, kulandele i-Eastern Cape ngezingu-6 111, ne-Limpopo ngezingu-4 933.
“Kuyaqhubeka ukuvalwa kwezikhala ezikoleni kanti alikho ikilasi elingenaye uthisha. Uma kuvela isikhala kulandwa ozosivala, abambe size sigcwaliswe,” kuchaza uNkk Motshekga.
UDkt Imran Keeka weDA esifundazweni, ukhale ngokuthi baningi othisha ababhuquza emakhaya abangaqashiwe. Uthe empendulweni abayitholile abayibuze esiShayamthetho, bathole ukuthi izikole ezingu-685 azinabo othishanhloko abaqashwe ngokugcwele.
“Kule mpendulo kuvele nokuthi umnyango ushoda ngamaphini othishanhloko angu-389, izinhloko zezifundo ezingu-1 215, nothisha abangu-909 abangu-post level 1. Ukungagcwaliswa kwalezi zikhala kwenza kungabi nozinzo ezikoleni zesifundazwe,” kukhononda uDkt Keeka.
UDkt Keeka ukhale ngokuthi umnyango wenza izaba ngokuthi uhlale ugxeka ukunqanyulwa kwesabelomali, uthi yikhona okwenza ungakwazi ukuvala izikhala.