KUZODINGIDWA ngamasu azosetshenziselwa ukulekelela ekunciphiseni isibalo samaloli ahamba emigwaqweni yaKwaZulu-Natal, ngenhloso yokulwa nezingozi.
Lokhu kudalulwe nguNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka. Ukhulume kanje kwethulwa ngokusemthethweni inyanga yezokuthutha u-Okthoba, esivimbamgwaqweni obekumiswa kuso kwasani kuthelawayeka uN3, eMooi River Toll Plaza.
Kulindeleke ukuthi uHlomuka abonane nozakwabo kazwelonke uMnuz Fikile Mbalula, emihlanganweni ehlelelwe ukuthi ibe ngoLwesine nangoLwesihlanu eGauteng.
Udalule ukuthi uhlelo lwabo luqale ngoMsombuluko ekuseni eRichards Bay, kwaze kwayizolo.
“Kumele kube nendlela yokunciphisa amaloli emigwaqweni kuthi ezinye zezimpahla zithuthwe ngezitimela ikakhulu amalahle.
“Uthelawayeka uN2 usetshenziswa kakhulu ngamaloli athutha amalahle,” kuchaza uHlomuka.Uthe nakuba uhulumeni edinga usimame umnotho wezwe kodwa ngeke kuzuzeke ngokuthi kufe abantu emigwaqweni.
Ngokubambisana neminyango nezinhlaka zikahulumeni ezehlukene okubalwa namaphoyisa, kumiswe futhi kwahlolwa amaloli angaphezu kuka-537, angu-47 abashayeli bawo bakhokhiswa inhlawulo.
Kube nabashayeli abangu-106 abangabokufika kuleli, okutholakale ukuthi izincwadi zokushayela zabo namaphepha abagunyaza ukuba kuleli kusemthethweni.
UHlomuka uthe umphakathi kumele ungalwi namaphoyisa amisa izithuthi zomphakathi ngoba asuke ephephisa impilo yabantu.
Uthe bahhahhanyezwe kabi ngabagibeli betekisi ngesikhathi beyimisa ukuze bayihlole eRichards Bay. USihlalo wenhlangano yamatekisi iSantaco KwaZulu-Natal, uMnuz Boy Zondi, uthe basebenza ngokubambisana nomnyango njengoba nabo bethule owabo umkhankaso wezokuphepha ngoMsombuluko ngaphansi kukaHlokomela, eRichards Bay.
UZondi ukhuthaze abashayeli ikakhulu abasebenzisa izimoto ezithutha umphakathi ukuthi balandele imithetho yomgwaqo ngaso sonke isikhathi.
Uhambe emazwini kaHlomuka, wanxenxa abagibeli ukuthi bangalwi nabasuke beqinisa ezokuphepha emgwaqweni ngoba basuke bephephisa impilo yabo.