ZINIKWE uhlu lwezinto okufanele zizenze izikhulu zoMnyango weMfundo, okufaka indaba yokuqedwa kwezindlu zangasese eziyimigodi, kanjalo nokuthola ukuthi badukuza kuziphi izinkalo abafundi abaphothula u-matric kodwa bangaya ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Lo myalelo ukhishwe yikomiti lalo ePhalamende njengoba namhlanje uNgqongqoshe woMnyango uNksz Siviwe Gwarube, ethula isabelomali salo nyaka wezimali.
Eyezindlu zangasese zomgodi ibihlale iqhatha obengungqongqoshe walo mnyango, uNkk Angie Motshekga, nezinhlangano ezehlukene zomphakathi okubalwa namaqembu aphikisayo ezepolitiki, okubalwa ne-DA uNksz Gwarube ayilungu layo.
Usihlalo wekomiti uNksz Joy Maimela, uthe bafuna kuphele lo nyaka wezimali, umnyango usuqedile ngenkinga yezindlu zangasese zomgodi.
“Sinike umnyango kuze kuphele lo nyaka wezimali ukuthi uqede ngale nkinga yezindlu zomgodi ezikoleni. Sifuna nombiko ogcwele ezinsukwini ezingu-60, mayelana nezinto ezithinta ukuphuculwa kwengqalasizinda ezikoleni. Sifuna ukwazi ukuthi zingaki izikole ezizokwakhiwa ezifundazweni ezehlukene.”
Uthe bafuna kubuyekezwe nendaba yesilabhasi endala eyenziwa abafundi abenza uN1 kuya kuN3.
“Sifuna abafundi abaphothula u-matric kodwa abangayanga ezikhungweni bahlinzekwe ngezinhlelo zokuthi bazanyelwe izikhala ezikhungweni zemfundo ezehlukene kuleli. Umnyango kufanele uxhumane noweMfundo ePhakeme ukuze kuvaleke igebe elikhona nokuthi laba bafundi bazithole sebebhuquza emakhaya.”
UNksz Maimela ukhale ngabafundi abangamahlongandlebe.
“Siyalele umnyango ukuthi ukhulume nabazali balaba bafundi abangezwa. Sikhathazekile ngokuphepha kothisha ezikoleni zethu.”
Uveze nokuthi kumele umnyango uqikelele ukuthi izinsiza kufundisa zifika ngesikhathi ezikoleni.
Mayelana nezinkinga ezibhekene nomkhandlu olawula othisha kuleli iSACE, uthe kumele usheshise ukukhipha izitifiketi zokubhaliswa kothisha abasha endimeni.
“Kumele labo thisha bahlonyiswe ngezinto ezenzeka emkhakheni wezemfundo. Kunokusilela emuva odabeni lokubhaliswa kothisha okugcina kuthatha isikhathi eside okudinga ukulungiswa ngokushesha.”
Uthe umkhandlu oqinisekisa izingabunjalo lika-matric, Umalusi, kufanele uqinisekise ukuthi ugunyaza amaphepha abhalwayo aleli banga angenawo amaphutha.
“Kumele Umalusi usheshise nendaba yokukhipha izitifiketi zika-matric. Kumele wakhe nezinhlelo zokusiza intsha engatohozi ngamakhono angasiza ekutheni ithole imisebenzi.”