BANIKWE kuze kube yinamhlanje ntambama ukuthi bafake izikhalo zabo enkantolo yezokhetho labo abachithwe yikhomishini eyengamele ukhetho ukuba yingxenye yokhetho ngoMeyi 29, nonyaka.
Laba bazokwazi ngo-Ephreli 9, okuwusuku le nkantolo ezonquma ngalo ukuthi kakade bazoba yingxenye yokhetho noma le nkantolo izohambisana nesinqumo sekhomishini yezokhetho i-Independent Electoral Commission.
Ikhomishini yathola izikhalo ngabangu-82, ngokungamele babe yingxenye yalolu khetho.
Owayengumengameli wezwe uJacob Zuma, okhankasela iqembu Umkhonto weSizwe, ungomunye owachithwa yikhomishini ukuthi abe yingxenye yokhetho ngoba walahlwa yicala lokuthi adonse isigwebo sezinyanga ezingu-15.
Phezu kwalokhu iqembu lakhe iMK limile ekutheni uZuma, kumnyama kubomvu uzoba yingxenye yokhetho.
Ekhuluma nabezindaba bakwaSABC muva nje, inhloko yezokhetho yeMK uMnuz Musa Mkhize, uveze ukuthi bazophikisana nesinqumo se-IEC odabeni lokuvimba uZuma ukuthi abe yingxenye yokhetho.
UMkhize uthe basamatasa babheka lesi sinqumo se-IEC wathi kodwa akukho okuzovimba uZuma ukuthi abe ngumengameli wezwe kusuka ngoJuni 1.
Uveze ukuthi bazosebenzisa umthetho wakuleli ukulwa nalesi sinqumo sekhomishini.
USihlalo we-IEC kuzwelonke uMnuz Mosotho Moepya, uthe izikhaloo abazitholile bezivela kumaqembu angu-21 ezepolitiki.
Uthe balandele umthetho wakuleli wathi abangeneme banelungelo lokuthi baphikisane nalesi sinqumo ngokuya enkantolo yezokhetho.
“Kumele bakwenze lokhu ngo-Ephreli 2, 2024. Inkantolo izonquma ngabakhalazile ngo-Ephreli 9, bese ikhomishini idedela uhlu lokugcina ngo-Ephreli 10, 2024.”
Odabeni lukaZuma uthe balandele umthetho wathi ngeke abe yingxenye yokhetho.
“Akudingeki ukuthi iqembu elikhalazayo ngesinqumo sethu libhalele thina ngqo kodwa kumele liye enkantolo yezokhetho. Iyona ezoba nezwi lokugcina kulolu daba.”
UMoepya uveze ukuthi bayisithupha abangenela ukhetho ngokuzimela abazobanga izihlalo ePhalamende.
EziShayamthetho zezifundazwe bayisithupha abazobe bebanga izikhundla.
NgoLwesine ikhomishini izoba nomcimbi wokusayinwa kwesibophezelo sokuthi amaqembu azohlonipha umgomo obekiwe wezokhetho. Ngalolu suku kuzotonyulwa neqembu elizoba phezulu ephepheni lokuvota.