USUKHALELA okungenani ukuthola ithambo lesihlobo sawo ukuze ulingcwabe umndeni wowesifazane onezingane ezintathu osekuphele amasonto amathathu edukile.
UNksz Ntombenhle Ncobela (26) waseMawelewele, eChatsworth, uduke ngo-Okthoba 16 kade eyocima ukoma nabangani bakhe.
Kusolakala ukuthi wanyamalala nowesilisa ababephuza naye, kwagcina kungaziwa ukuthi baphelele kuphi. Emuva kokutholakala kwezimpahla ayezigqokile, umphakathi waya kubo kwale ndoda yakhona endaweni uyoyibuza ukuthi uNksz Ncobela uphi, kodwa yalandula.
NgoLwesine olwedlule kuthiwa amaphoyisa abuye ngeveni nale ndoda ebisinyamalele endaweni ukuba izowalekelela ukuze kutholakale uNksz Ncobela kodwa wangatholakala.
Kuthiwa amalungu omphakathi ayeveva yintukuthelo, abe esedubela emaphoyiseni, aqhulula ngamatshe izimoto zawo ezaphuma ngesamagundane isimo simazonzo.
Kubikwa ukuthi enye imoto eyayihamba iphoyisa yaphaphalaza yaphuma emgwaqweni yayokhalakathela emzini oseduzane, kwalimala umshayeli wayo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseChatsworth aphenya icala lokususa udlame emphakathini.
Uqhube wathi kusolakala ukuthi ngoLwesine ngo-6 ntambama abaseshi babematasa bephenya mayelana nomuntu owayelahlekile behamba nomsolwa owayezobakhombisa izinsalela zomuntu.
“Ngesikhathi amaphoyisa esebuyela ezimotweni zawo, iqulu labantu lavuka umbhejazane lawajikijela ngamatshe.
“Kwalimala amaphoyisa amabili, kwacekeleka phansi nemoto yoMbuso. Uphenyo luyaqhubeka,” kusho uLt Col Gwala.
UMnuz Thembalihle Mpumela, onguyise kaNksz Ncobela, uthe ingane yakhe ayikakatholakali, basayithungatha.
“Sesikhalela ithambo lomntanami uma kuwukuthi wabulawa bese siyamngcwaba.
“Amaphoyisa athe amdedelile umsolwa, lokhu kuchaza ukuthi bushabalele ubufakazi ebesikade sithembele kubona,” kusho uMpumela.
Uveze ukuthi abantwana balo wesifazane odukile sebevele babayisa emakhaya e-Eastern Cape emuva kokunyamalala kukanina.
Kwesinye isehlakalo, utholakale ephila uQaphela Bili (15) waseDemat, eChatsworth Isolezwe ebelibike ngokuduka kwakhe ngesonto eledlule.
UQaphela ubekade efunda uGrade 9 eMargot Fonteyn Secondary ngaphambi kokunyamalala kubo ngosuku lokuvalwa kwezikole ngoSepthemba 30.
UNksz Anna Bili, unina kaQaphela, akandanga ngamaningi, wathi ingane itholakele futhi usezoyithumela iyohlala e-Eastern Cape. Udalule ukuthi uQaphela waduba ikhaya futhi ubekade esesebenzisa izidakamizwa ngenxa yesibhaxu nokuhlukumezeka abekuthola kuyise.
UMnuz Johannes Gumede, onguyise kaQaphela, wasola ingane yakhe ngokuthi yeba usikilidi wakhe yabaleka esezoyishaya.
Wayisola nangokuthi ibisinomkhuba wokweba imali ekhaya. UNksz Bili uthe wuGumede obesephendule ingane ukudla kwenduku.