KUSIZE ophaqa abatholwe izingane zidlula ngendlela nokuyibona abenze kwatholwa isidumbu sowesifazane waKwaBanakile, eVryheid.
UNkk Nkosingiphile Nkosi (71) uduke ngosuku lukaNcibijane ebusuku evakashele izihlobo zakhe eyogubha unyaka omusha.
Ilungu lomndeni elikhulume neSolezwe uNkk Mangane Mtshali, lithe uNkk Nkosi wahamba ekhaya eyovakashela umndeni wakhe njengoba kwakubuswa kujatshulelwa ukuphela konyaka.
“Wafika emini waqala komunye umndeni wase edlulela komunye, kwathi ntambama wacela ukuthi alale ukuze aphumule bese evuka esezohamba. Wanikwa ingubo necansi, kwathi ebusuku sebeyomthatha beyomfaka embhedeni ayezolala kuwo bafika engasekho sekukhona ucingo lwakhe kuphela,” kuchaza uNkk Mtshali.
Uthe badideka ukuthi uye kuphi, kodwa kwabafikela ukuthi kungenzeka ukuthi uvuke waya ekhaya.
“Samangala uma izingane zakhe sezifona zithi ziyambheka, saqala ke samthungatha ngoMsombuluko. Simbheke kwaze kwaba uLwesithathu ntambama, ngase ngithola umyalezo othi izingane zithole ophaqa bakhe. Ngafonela ikhansela ngalibikela ngokwenzekile kanjalo nabezinhlekelele abaqhamuka eVryheid namaphoyisa, abafika bathi sekuntambama izulu libi bangakwazi ukungena bamthathe ngoba kuseweni elibi,” kuchaza yena.
Uthe ngoLwesine kufike iMeya yaseBaqulusini uMnuz Khehla Mkhwanazi nethimba lakhe bezohlola isimo.
“Abezinhlekelele basitshela ukuthi ngeke bangene ngoba indawo embi nathi futhi sakubona lokho, kodwa ukufika kweMeya yathi izocela indiza enophephela emhlane yasesiqiwini iThala Reserve ebiza R8000 ihora nayo eyafika yakhala ngokuba kubi kwendawo nesimo esingesihle sezulu bathembisa ukubuya ngosuku olulandelayo, namanje njengoba ngikhuluma nawe ikhona kodwa ayikwazi ukufinyelela kuye sihlezi nje,” kuchaza yena.
Uthe akukho okubi abakusolayo abangathi kwenziwe esihlotsheni sabo basola ukuthi sashelela sakhalakathela eweni ebusuku.
Imeya uMkhwanazi ithe bazokwenza konke ukusiza lo mndeni ukuze ungcwabe isihlobo sawo.
Uthe abezimo zenhlekelele asebebabizile kubalwa abasuka ePort Shepstone nasePitoli bonke abasakhala ngokuthi indawo yimbi.
“Bathi inhlabathi ithambile ngakho ithemba lethu manje likule ndiza esizoyikhokhela njengomkhandlu. Namanje bakhona kusuka ngoLwesihlanu bayazama kodwa indawo yimbi nezulu liyana. Siyathemba ukuthi kodwa ngoba lisaphumile ilanga sizokwazi ukuthi siphumelele ukuze akwazi ukungcwabeka ugogo ngoba sesisola nokuthi isidumbu sakhe sesisesimweni esingesihle ngenxa yokunethwa imvula nokushiswa ilanga izinsuku ezingaka,” kuchaza yena.
Uthe izolo bese kukhona nabaqwali bentaba abaqhamuka eMpumalanga okuyibona abasabanike ithemba.