UMNDENI waseBabanango, KwaZulu-Natal osekuqothwe kuwona abane ngombango wezinkomo, ufuna bangayinuki ibheyili abasolwa ababili ababoshwe ngoLwesibili kulandela ukudubulana namaphoyisa.
Kubikwa ukuthi abasolwa badubulane namaphoyisa abekade elibangise eNkantolo yeMantshi yaseBabanango eyophikisa isicelo sebheyili sesihlobo sabo esiboshiwe.
Ilungu lomphakathi elisazi ukusuka nokuhlala isehlakalo lithe uthuthuva lwasuka ngo-2019 ngesikhathi umndeni wephoyisa elabulawa uthatha inkomo yakamakelwane ngephutha.
Kuthiwa le nkomo yathunyelwa nezinye eRichards Bay kodwa kwatholakala ukuthi kuthathwe neyakwamakhelwane ngephutha kodwa le nkomo yagcina ibuyiselwe kubo kwayo.
Kubikwa ukuthi inkinga yaqala lapho umndeni obuyiselwe inkomo sewufuna isinxephezelo sezinkomo eziyisishiyagalombili ngaphezulu nokuyinto umndeni wephoyisa owayinqaba.
Umthombo uthi ngo-2020 kwabe sekusocongwa umfowabo omdala wephoyisa, uMnuz Bhekuyise Mlambo owadutshulwa ekwakhe.
“Ngo-2021 kube sekubulawa iphoyisa uSergeant Sakheyedwa Mlambo owayesekhaleni lophenyo ngokufa kukamfowabo.
”Akugcinanga lapho ngoNovemba 2022 kwabe sekubulawa owesilisa owumngani womndeni walaba ababili ababulewe,’’ kuchaza umthombo.
Uqhuba uthe ngoDisemba ngonyaka owedlule kudutshulwe kwabulawa uMnuz Mvumo Mlambo onguyise wephoyisa nomfowabo wephoyisa owabulawa kuqala.
Kulezi zigameko kuthiwa kwaboshwa owesilisa ongumakhelwane walaba ababulawa.
Ilungu lomndeni elicele ukuba kugodlwe igama lalo ngenxa yezizathu zokuphepha, lithe bakhulekela ukuthi bonke abasolwa banqatshelwe ibheyili yinkantolo necala lithethwe, libalahle bese begwetshwa kanzima.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda usiqinisekisile isigameko sokuboshwa kwabasolwa ngoLwesibili ntambama ngemuva kokudubulana namaphoyisa.
Uveze ukuthi amaphoyisa amabili ophiko lweProvincial Task Team angabaphenyi, abephelezelwa ngomunye uzakwabo bavukelwe ngabantu ababili abadubule bebhekise emotweni abehamba ngayo.
Amaphoyisa kuthiwa nawo aphendule ngezulu lezandla kanti lokhu kuphoqe ukuthi abasolwa badle phansi, bangene esikhotheni esiseduze.
Kuthiwa amaphoyisa awalimalanga kodwa uzakwabo obehamba nawo udubuleke ezingalweni zombili, waphuthunyiswa esibhedlela.
UNetshuinda uthe kube sekubhekwa abasolwa ngosizo lwamaphoyisa ophiko lwe-K9 kanti abasolwa kuthiwa baqhubekile nokudubula bebhekise emaphoyiseni.
Abasolwa kuthiwa bagcine bezidelile bazinikela emaphoyiseni. Kubo kutholwe i-AK47 nama-pistol amabili eyodwa yawo enelayisensi.
Uphenyo lwesikhashana luveze ukuthi omunye wabasolwa ungumfowabo kamsolwa oboshelwe icala lokubulala uSgt Mlambo obekumele avele enkantolo ngalo uLwesibili.
Omunye wamaphoyisa obesemotweni ehlaselwe, kuthiwa ubeyophikisa isicelo sikamsolwa sebheyili. Umsolwa wesibili yena kuvele ukuthi uthinteka ekubulaweni kwelungu lomndeni kaMlambo ngo-2020.
Abasolwa bavele ngoLwesine enkantolo yeMantshi eVryheid ngamacala amathathu okuzama ukubulala nawokutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.