Umndeni wamalungu amahlanu kasomatekisi ahlaselwe aqothwa evela emcimbini eZakheni, ngoMsombuluko, usuqinisekise ukuthi inhloko yomuzi yalo mndeni isesibhedlela emva kokudubuleka kulesi sigameko.
Umthombo weSolezwe ubuveze ukuthi umgilwa ongusomatekisi ungomunye wamalungu omndeni ashonele endaweni yesigameko, kodwa uMnuz Skobho Thusi uveze ukuthi umfowabo usesibhedlela.
Uqinisekise ukuthi abadlule emhlabeni kulesi sigameko yinkosikazi kamgilwa, uNkk Thulile Thusi obenguthisha KwaNgcende Primary nezingane zakhe ezintathu okukhona kuyo eyenza u-Grade 11 esikoleni iLimehill High.
“Kushone nezihlobo ezimbili zasemndenini wakithi oseNquthu. Okwamanje sisematasa ngodaba oluthinta amakhaza, ngicela ubuye ungithinte,” kusho uThusi.
IKhansela uMnuz Mzuzwana Magasela elihambele umndeni ngenhloso yokuyobhonga emswaneni, lithe bewumasipala bazohlangana nomndeni namhlanje ukubheka ukuthi bangalekelela kuphi.
“Namhlanje (esho izolo), bengiye emndenini njengomngani nokuthi izingane ezimbili ezishone kulesi sigameko bengizifundisa esikoleni njengoba ngiwuthisha. Sizoya emndenini sesihambisana neMeya uMnuz Zama Sibi ukuyobhonga emswaneni, sibone ukuthi umndeni ungalekelelwa kuphi,” usho kanje.
Kulimale abantu abahlanu kulesi sigameko, kanti okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uqinisekisile ukuthi abayisithupha abashonile ngabesifazane. Uthe amaphoyisa aphansi phezulu afuna abasolwa.
UMphathiswa woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, udlulise amazwi enduduzo emndenini. Uthe banethemba lokuthi amaphoyisa azokwazi ukulandela umkhondo wababulali.