Kujabule abaningi umculi wase-United States of America uDoja Cat, ozalwa wumlingisi uDumisani Dlamini, enandisa emcimbini iGlobal Citizen Festival, eNew York ngoMgqibelo edlubhe ingubo enemibala yefulegi laseNingizimu Afrika.
UDoja Cat (28), amagama akhe aphelele okungu- Amala Ratna Zandile Dlamini, ubeshiyelana inkundla noPost Malone, LISA, Rauw Alejandro noJelly Roll.
Ikhonsathi abebenandisa kuyo ngeyeGlobal Citizen kanti ngayo kuhloswe ukuqeda indlala emhlabeni jikelele, iqwashisa nangezindaba ezithinta ukuguquguquka kwesimo sezulu nokungalingani.
Ekhuluma emcimbini uDoja Cat uthe: “Njengamanje izinkulungwane zabesilisa, abesifazane nezingane eGaza, Ukraine, Sudan, Congo nasemhlabeni jikelele bathwele kanzima. Esikhathini esinje kubalulekile ukukhumbula ukuthi ngokubambisana sinamandla okuletha ushintsho, uthando, ukukhanya nethemba kwabalidingayo.”
Uthe abantu kumele baveze imibono yabo ukuze ababalekela udlame bathole imipheme, ukudla nemfundo abayidingayo futhi ebafanele.
UNgqongqoshe wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko uGayton McKenzie ubhale kwi-X ukuthi “No DNA just RSA” okuyitemu elisha abantu abalisebenizsa uma bencoma into enhle eyenziwa wumuntu wakuleli noma bekhombisa ukuzigqaja kwabo.
UClayson Monyela oyiHead of Puplic Deplomacy eMnyangweni wezoBudlelwano namanye amazwe ubonge uDoja Cat ngokugqamisa ifulegi lakuleli wathi iNingizimu Afrika izohlala iyikhaya kuye.
Umsakazi uPenny Lebyane uthe uDoja ufuna ukubuyela ekhaya.
UDoja Cat noyise, owazakhela udumo ngendawo kaCrocodile kwiSarafina bagcine bengenabo ubudlelwano obuqinile.
Ngasekuqaleni konyaka uDumisani udalule ukuthi usezinhlelweni zokumletha 'ekhaya' osemchaphe ngenhlamba.
UDimisani wathola uDoja Cat kowayengumkakhe uDeborah Sawyer e-United States of America.
UDumisani ekhuluma emsakazweni ngeledlule, uthe uzolanda indodakazi yakhe ngoba ufuna ukuhlabekisa izimfamona ezingayithandi into enhle.
Akuphelanga sikhathi uDoja Cat wasusa ukukhuluma efaka kwi-Instagram ukuthi: “Baba, yisho uma ufuna ngengeze okwakho kokuziphaqula ngoba uyisif#*.”
Lo mculi wabhala nakwiX ukuthi uyise akamkhulisanga kodwa wakwazi ukuphila kahle. Nango-2019, uDoja Cat wake watshela umethuli weQuicksilver Show phesheya, uLeah Henry, ukuthi akakaze wahlangana noyise futhi abanabo ubudlelwan