KHETHA SANGWENI
UFAKAZI ecaleni lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, uthi ummangalelwa wokuqala walivuma ebusuku icala waze wasayina isitatimende. UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe ewumculi, uKelly Khumalo, eVooslorus, eGauteng, ngo-2014.
Ufakazi woMbuso owayeyiphoyisa nosethathe umhlalaphansi, uColonel Mhlanganyelwa Moses Mbotho, uthe ummangalewa wokuqala, uMnuz Muzikawukhulelwa Sibiya, walivuma icala.
UMbotho uthe uSibiya walethwa kuyena esiteshini samaphoyisa eDiepkloof lapho afika wagonyuluka khona konke ngokubulala uMeyiwa. UMbotho uthe baqala ukukhuluma ngo-21.45 ebusuku baze baqeda kuyoshaya u-12 wakhona sebusuku.
“Ngabizwa sengisekhaya kwathiwa kuzolethwa umuntu okufanele ngithathe isitatimende sakhe. Ngabonana nomsolwa ngambuza ukuthi uphoqiwe yini noma kukhona athenjiswe khona noma ushayiwe ukuze avume icala, wathi cha. Ngambuza ukuthi uyamdinga yini ummeli, wathi akamdingi, ufuna ukubhala isitatimende bese eyahamba,’’ kusho uMbotho.
U-Advocate Sipho Ramosepele, omele uSibiya, uthe ikhasimende lakhe lashaywa kanzima ukuze livume ukusayina isitatimende. Uthe lasatshiswa ngokuthi uma lingavumi, amaphoyisa ayezoqhubeka alinabise ngesibhaxu.
“Iklayenti lami layiswa endaweni ebukeka njengamahhovisi kamasipala eLethabong lapho lashaywa khona. Lafakwa uplastiki ekhanda lavalwa ubuso namakhala ukuze lingaphefumuli. Lagcina lisayina ngoba lizibona lingaphephile,’’ kusho uRamosepele.
Omunye ufakazi woMbuso obiziwe nguConstable Nakedi Thapelo Monareng oyiphoyisa eligada izikhulu kuMasipala Ekurhuleni. UMonareng uthe wacelwa ngabaphenyi becala ukuthi ahambise uSibiya eyokwenza isitatimende sokuvuma icala. Uqhube wathi ayikho indaba yokuthi uSibiya washaywa, wavunyiswa icala.
Kulindeleke ukuthi icala libuyele eNkantolo eNkulu ePitoli ngoMsombuluko kuqhutshekwe nobufakazi. Kuphinde kwavela ukuthi kuzoqulwa icala phezu kwelinye.