INKOSI Mangosuthu Buthelezi idlule emhlabeni ngezintatha zangoMgqibelo ekhaya layo KwaPhindangene, oLundi, ineminyaka engu-95 ubudala. UShenge udlula nje ubesanda kudedelwa esibhedlela lapho ebelashwa khona.
UShenge uzalwe ngo-Agasti 27, 1928 eMahlabathini, oLundi, KwaZulu-Natal. Abazali bakhe kwakuyinkosi Mathole Buthelezi noMntwana uMagogo kaDinuzulu, ongowasendlunkulu kaZulu.
UShenge uqale ukufunda eMpumalanga Primary eMahhashini, KwaNongoma kusukela ngo-1933 kuya ku-1943. Wadlulela e-Adams College eManzimtoti kusukela ngo-1944 kuya ku-1947. Ufunde e-University of Fort Hare ngo-1948 kuya ku-1950.
Ngo-1953 inkosi uButhelezi yathatha isihlalo sobukhosi esashiywa wuyise. UShenge uke waba wumeluleki wababhali befilimu yomlando ngeMpi yaseSandlwana kanti walingisa indawo yeSilo uCetshwayo kaMpande kuyona.
Umsebenzi wokuba wuNdunankulu kaZulu mudala kuShenge. Usukela kokhokho bakhe njengoba uMnyamana kaNgqengelele Buthelezi wayewuNdunankulu weSilo uCetshwayo kaMpande edidiyela namabutho aso.
Inkosi uMathole, ezala yena uShenge yayiwuNdunankulu weSilo uSolomon kaDinuzulu. Ngo-1954 iSilo uBhekuzulu kaSolomon wabeka yena uShenge njengoNdunankulu kaZulu. Kuthe noma sekungena iSilo uZwelithini kaBhekuzulu, waqhubeka nomsebenzi uShenge.
Inkosi uButhelezi ibiganwe wuNdlunkulu Irene MaMzila Buthelezi ongasekho emhlabeni. UShenge uke waba wungqongqoshe woMnyango wezaseKhaya phakathi kuka-1994 no-2004. UyiLungu lePhalamende cishe elidala kunawo wonke. Wayeke abambe njengoMengameli wezwe uma Dkt Nelson Madela engekho.
UButhelezi uke wahola uhulumeni waKwaZulu kusukela ngo-1975 kwaze kwaba wu-1994 ngesikhathi sekungena umbuso wentando yeningi ezweni. UShenge ubethathwa njengoqweqwe lomholi onohlonze kanti wayekhona nasezingxoxweni zeCodesa lapho kwakuboniswana khona ngoguquko lwaseNingizimu Afrika.
UShenge uhole i-IFP kusukela isungulwa kwaze kwaba wu-2019 lapho okukhethwe khona umholi omusha uMnuz Velenkosini Hlabisa engqungqutheleni eyayibanjelwe Olundi.
Ngesikhathi ebeka phansi izintambo zokuhola i-IFP, kwanqunywa ukuthi abizwe ngomengameli wokuhlonishwa. I-IFP yathi ikwenza lokhu ngenhloso yokumhlonipha ngeqhaza lakhe eqenjinii ewa evuka nalo. Usondelane kakhulu neSilo esakhothama uZwelithini kaBhekuzulu kanti uphinde wasondelana neSilo uMisuzulu kaZwelithini.
Olunye ulwazi: SA History online